
KUBE nenkulu injabulo eqenjini lebhola lomnqakiswano laseMlazi ngesikhathi iBring Back Life Foundation (BBLF) ilaxhasa ngejezi, amabhola kanye nezindondo. Lokhu kwenzeka nje akukapheli sikhathi esingakanani kube nempumelelo yemidlalo yokusonga inyanga yeMbokodo ebiseKing Zwelithini Stadium, kuleli lokishi.
Ngokusho kukaMnuz Sanele Shangase usihlalo weBBLF ngemuva kwemidlalo yeMbokodo ebibanjelwe eMlazi lapho bekunemidlalo enhlobonhlobo ngenhloso yokuthuthukisa abantwana ukuze bagcinwe besezinkundleni zemidlalo.
“IBasketball ibingeminye yemidlalo lapho kade kunama Coaching Clinics ayo. Sibe sesibona kubalulekile ukuba kube ngeminye yemidlalo esifisa ukulekelelana nabe Basketball e Mlazi ukuba nathi siyiqhakambise njengoba ingeminye yemidlalo abaningi abacabanga ukuba kufanele kube idlalwa abantu abadla izambane likapondo kanti akunjalo. Sibe sesinikela ngamabhola alishumi lapho sizama ukugqugquzela intsha ukuba iqhubeke nezimidlalo ngezipho ezivela kwi Bring Back Life Foundation,”kusho uSanele.
Ephawula u-Anele Nxumalo, umqeqeshi kuloluhlobo lomdlalo eMlazi, uthe “IBring Back Life Foundation ibamba iqhaza elikhulu ekutheni ithuthukise uthando lemidlalo ebantwanane kanye nokwenza abantwana babone ukubaluleka kwemidlalo”.
“Ayigcini ngokuphatha uhlelo lwemidlalo kanti ibuye imukelise nezipho. Lezipho ezinikezwa abantwana (amabhola,ijezi lebhola kanye nezindondo). IBring Back Life ngiyifisela inqubekela phambili nokungapheli amandla ngoba yenza umsebenzi oncomekayo emphakathini,”kusho u-Anele Nxumalo.
Khonamanjalo, iComrades Marathon Association (CMA) isimemezele ukuthi selulungile usuku lwesikhashana lweComrades Marathon yangonyaka ozayo.
USihlalo we-CMA uMqondisi Ngcobo uthe, “Ngemuva kokuphumelela kwe-Comrades Marathon ka-95 kulo nyaka, abasubathi bebelokhu bemagange bebuza mayelana nosuku lomjaho olindelwe wangonyaka ozayo. Ibhodi le-CMA lisanda kuhlangana futhi selimemezele ukuthi livumelekile kuze kube ngumhlaka 11 Juni 2023, njengoba lisakazwe yi-Athletics South Africa (ASA) ohlwini lwemidlalo lukazwelonke olusalungiswa mhla ziyi-15 Agasti 2022.”
UNgcobo uveze ukuthi iCMA isifake isicelo kwaKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), seComrades Marathon yangonyaka ozayo ezosingathwa ngeSonto, 11 Juni 2023.
Uma ukugunyazwa kosuku lukaJuni sekuqinisekisiwe yi-KZNA noma i-ASA, imininingwane yenqubo yokungenela, indlela yokufaneleka kanye neminye imininingwane yomjaho izodalulwa lapho sekwethulwa ngokusemthethweni kwabezindaba, usuku oluzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Isu leBhodi le-CMA eligxile kulo ukusekela i-Comrades Marathon njengesikhungo somjaho kazwelonke esithandwayo, esineminyaka engu-101, esidumile. I-ultramarathon enkulu kunazo zonke, endala futhi edume kakhulu emhlabeni iyingxenye yamagugu esizwe sethu futhi ibalulekile ngokomfanekiso nangokwezomnotho emdlalweni wokugijima KwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika.






