Bazoyikhotha imbenge yomile

0
194
UMvikeli woMphakathi u-Advocate Busi Mkhwebane, uqinise idolo izakhamuzi ezikhahlenyezwe izikhukhula

ZIZOPHELELWA amahlathi okucasha izigebengu esezigaqele ukukhwabanisa isikhwama esihlelelwe ukunikelela abantu abakhahlanyezwe yizikhukhula njengoba kunezinhlelo ezinzulu zokunqanda lomkhuba.

Lokhu kuvezwe yihhovisi loMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, elithe uzosungula ithimba elizolandelela ukuthi yonke imali isetshenziswa ngendlela, kulandela ukuthi kube nezikhalo eziningi mayelana nokukhwatshaniswa nokungasetshenziswa kwesikhwama esasihlelelwe ukubhekana nomonakalo weCovid-19, okwenze izakhamuzi zibe nokungabaza ukuthi zizosizakala ngendlela efanele nakwisikhwama sezikhukhula. Ihhovisi likaMkhwebane liveze lokhu ngaphambi kohambo lwakhe lapho abekade eyohlola khona umonakalo, aphinde eqinise idolo izakhamuzi zaseNanda, Ntuzuma naKwaMashu. UMkhwebane ebephelezelwe izikhulu ezehlukene zikahulumeni wesifundazwe nabezinhlangano zomphakathi.

Leli hhovisi limemezela lokhu nje, kusakhona izikhulu zikahulumeni ezisahamba izinkantolo ngenxa yamacala ahlobene nokukhwatshaniswa kwemali yomonakalo weCovid-19. Ngenxa yalokhu, izakhamuzi zisola ukuthi ngeke zisizakale ngendlela efanele. UMkhwebane udlulise amazwi enduduzu emndenini elahlekelwe izihlobo zayo, wathi okubaluleke kakhulu manje ukuthi kulungiswe umonakalo ukuze abantu bezobuyela kwisimo esejwayelekile sokuphila. Uthe abantu kumele bephile ngendlela ehloniphekile.

“Kumele sisebenzisane njengesizwe esiyimbumba, silungise umonakalo. Sikwazile ukusebenzisana ngesikhathi seCovid-19, akukho okungasehlula manje. Nginethemba lokuthi singakwazi ukumelana nalobu bunzima ngoba sinamandla amangalisayo uma sibambisene,” kusho uMkhwebane. UNgqongqoshe weMsebenzi yoMphakathi kanye nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Jomo Sibiya, uthembise uMkhwebane ukuthi lo mnyango uzoqinisekisa ukuthi iyonke imali isetshenziswa ngendlela, uma kukhona abenza okungalungile bazimisele ngokubathumela emaphoyiseni.

“Okusemqoka ukuthi sisebenzele abantu bakithi abasithembe ngevoti labo ukuthi sizokwazi ukwenza umehluko ezimpilweni zabo. Angifisi ukuthi kube khona okungahambi kahle, kodwa abahlose ukwenza okungesikho kumele bazi ukuthi ingalo yomthetho inde,” kusho uSibiya. Nosomabhizinisi abasebenzela ezindaweni zase-INK bebephume ngobuningi babo ukuyohlola umonakalo, bebheka nezindlela abangalekelela ngazo. Bona bagxile kakhulu kumabhizinisi abengenawo umshwalense ngaphambi kokuhlasela kwezinhlekelele. UMnuz Sthe Mabanga weKwaMashu Business Forum, uthembise ukuthi imininingwane yosomabhizinisi abakhahlamezikile izothunyelwa kwizinhlaka ezifanele ezizokwazi ukubasiza. Uthe kusemqoka ukuthi nabo besizakale ngoba yibo abakhiqiza imsebenzi emalokishini nasezindaweni zasemakhaya.

IDurban Chamber of Commerce and Industry nayo iphakamise ukubaluleka kokusekwa kosomabhizinisi abangenayo imishwalense. UNks Mpume Zwane onguMgqugquzeli kule nhlangano, uthe umonakalo uzoba mkhulu kwazise abaningi basalungisa umonakalo weCovid-19. “Abaningi ngeke bekwazi ukulungisa umonakalo ngoba basathwele umthwalo weCoronavirus, owenhlekelele yakamuva kuzoba nzima ukumelana nawo. Kufanele izinhlaka zikahulumeni zicacise ukuthi zizobasiza kanjani labo somabhizinisi,” kusho uZwane.