ABAFUNDI bakaGrade 7 baseMaphumuza Primary bafundiswe kabanzi ngemikhakha yemisebenzi etholakala embuthweni wamaphoyisa kanye nezifundo okuzodingeka ukuba bezikhethe uma sebeya ezikoleni zamabanga aphezulu ngo-2023.
Bakhunjuzwe nangokubaluleka kokusebenza ngokuzikhandla, ukuhlonipha abazali nothisha, ukuqhelelana nezinto ezingalungile kanye nokubambisana bebodwa. Bachazelwe nangezinhlelo ezehlukene ezixhasa abafundi abenza kahle ezifundweni zabo.
Bathole izifundo nangomthelela wokungena ebugebengwini nokusebenzisa izidakamizwa. Lokhu kwenzeke ngenkathi isikole sihlanganise abavela kwizinhlaka ezehlukene abebemenyelwe ukuzoncelisa abafundi ngolwazi abazoludinga ngonyaka ozayo.
Bekukhona abakwaSocial Crime Prevention Unit ngaphansi kwamaphoyisa akwaSAPS eMlazi, abezokuXhumana kwaSAPS khona eMlazi, uMnyango wokuPhepha nokuXhumana koMphakathi kwisifundazwe kanye neLife Line Durban.
UKapteni Nokuphiwa Jwili oyiNhloko yeSocial Crime Prevention Unit, utshele abafundi ukuthi ukuziphatha kahle yikho okubhekwa kakhulu embuthweni. Uthe ukusebenza embuthweni akugcini ngokuphatha izibhamu nokujaha izigebengu.
“Uyakwazi ukusebenza konjiniyela lapho olungisa khona izimoto zamaphoyisa, usebenze kwezenhlalakahle lapho usiza khona amaphoyisa ngokwengqondo okanye usebenze kwezezimali. Kukhona nezokuthutha, ukuphathwa kwabantu nokunye,” kusho uJwili.
Ukhuthaze abafundi ukuba bezimisele ukuze bezothola izikhundla eziphezulu kwazise umbutho usanda kusungula uhlelo lwezifundiswa kulo okuqashwa abantu abaneziqu zasezikhungweni zemfundo ephakeme kuphela.
“Kuningi okubi okushiwo ngamaphoyisa kodwa lokho akusho uktuhi ukusebenza embuthweni kuyinto embi. Kudingeka abantu abazosebenza ngokuzimisela ukuthi umphakathi uzokubona ukuhlonipheka nokubaluleka kombutho,” kusho uJwili.
Uthishanhloko wesikole uNkk N Dhlomo, uthe ukubona kubalulekile ukuhlinzeka abafundi ngolwazi abaludingayo ngaphambi kokukhetha izifundo ezingeke zibasize ekufezeni amaphupho wabo.
UNks Thuli Taylor ongusonhlalakahle kwiLife Line Durban, uthe lo mkhakha udinga ukuba ube nogqozi, uzimisele ngawo ngoba udinga isineke, ukuzwelana nabantu kusizi ababhekene nalo. Uthe abafisa ukungena kuwo kumele bephase kahle iSiNgisi neMathematics.
“Kuthatha iminyaka engu-4 ukuthola iziqu zalo mkhakha. Kuyakhuthazwa ukuba usebenze ngokuzimisele ukuze uzoqeda kuso lesi sikhathi kodwa uma kungenzeki akusho ukuthi kumele uphose ithawula,” kusho uTaylor.
UNks Mbali Myeni obevela eMnyangweni wokuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uchazele abafundi ngomkhakha wokwakha nowobunjiniyela. Uthe abafundi kumele beqinise kakhulu kwiMaths nakwiScience uma befisa ukungena kulo mkhakha.






