KUQOPHEKE umlando ngenkathi amalungu ebandla iShincheonji Church of Jesus angaphezu-700 aseThekwini nawaseMgungundlovu eqhuba umkhankaso wokunikela ngegazi kusukela ngomhlaka-12 kuya ku-26 Sephthemba.
Bekungokokuqala ngqa ukuthi kube nomkhankaso ohlanganisa abantu abangaka eningizimu ye-Afrika. Umkhankaso waleli bandla kulesifundazwe uhambisana nobuqhutshwa amalungu aleli bandla kwamanye amazwe omhlaba, sebebonke abanikelile bangaphezu kuka-90 000.
Okhulumela leli bandla uMnuz Msizi Magwaza, uthe bese kungokwesibili ibandla liqhuba umkhankaso wokunikela ngegazi kulo nyaka. NgoMeyi amalungu angu-20 000 anikelela izinqolobane ezehlukene ngegazi, angu-600 kuwo kwakungawaseningizimu ye-Afrika.
“ESouth Korea ibandla laqopha umlando ngesibalo sabantu abanikele ngegazi kuleli yazwe,” kusho uMagwaza. Uthe amalungu ebandla akujabulele ukubamba iqhaza kwazise abezinqolobane ezigcina igazi basabhekene nobunzima obadalwa iCovid-19.
UNagwaza uthe ibandla selihlele ukuthi liphule irekhodi lomhlaba wonke ngoba bayakuqonda ukubaluleka kokunikela ngegazi nomehluko eliwenzayo ezimpilweni zabantu abasuke bebhekene nezimo ezibucayi ezibhedlela.
Ngenxa yokushoda kwegazi ezinqolobaneni kuleli, iSouth African National Blood Service (SANAB), isikhuthaze umphakathi ukuba uphume ngobuningi bawo ukuyonikela ze lingashodi mhla kukhona odinga ukufakelwa igazi.
UMnuz Khulekani Zuma okhulumela iSANAB, uthe igazi liyashoda kulesifundazwe, ikakhulukazi olohlobo u-O positive kanye no-O negative. Uthe ezinqolobaneni kukhona igazi elilingene izinsuku ezintathu kuphela ekubeni kumele kube nelilingene izinsuku ezinhlanu.
“Usuke uphephisa izimpilo uma unikela ngegazi. Kumele kukunike intokozo ukwazi ukuthi uphephise impilo yomuntu ngokunikela ngegazi,” kusho uZuma ohalalisele leli bandla ngokuqopha umlando, wathi bayaziqhenya ngokuthi aligcinanga ngokukhuluma kuphela.
Okwenziwe iShincheonji Church of Jesus sekushayelwe ihlombe inhlangano yezempilo yomhlaba iRed Cross, elihloniphe ngesitifiketi sokuqopha umlando.UMnuz Namsun Cho oyiNhloko yeRed Cross Blood Services, uthe basashaqekile ngokwenzekile.
“Okwenzekile kufana nokuna kwemvula emva kwesomiso. Kusimangazile ukuthi abanikele ngegazi bedlule ku-6 000 ezinsukwini ezinthathu kuphela, nokuthi bayizinkulungwane abanikelile. Siyakuthakasela ukuzinikela kwabo,” kusho uCho.





