KUNXUSWA izakhamuzi ukuba zehlise imimoya ngodaba lokushoda kwamanzi, uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uthi usebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ufinyelela emiphakathini enezinkinga zamanzi ngokushesha.
Umnyango usho lokhu nje, izakhamuzi zaseMgababa zisanda kuvala umgwaqo ngamatshe namathayi avuthayo zikhala ngamanzi. Zithi sekuphele iminyaka amanzi zingenawo, kwezinye izindawo afika isikhashana ephinde enqamuke. Zithi azisakwazi ukubekezelela ukungabi nawo amanzi. Umbhikisho ubuhlanganise izakhamuzi zakuwadi-98 kuwo okufaka umphakathi waseNkwali, uMgababa, Mgobhozini naseHlanzeni. Zithi akukho ezingakuzamanga kodwa akekho ophendula izikhalo zazo, zifunge ngokuthi zizoqhubeka nokuphazamisa izinhlelo zansuku zonke zize zibone kwenzeka ushintsho. UNks Lindiwe Jangaza uthe abakwazi ukuhlala bengenawo amanzi njengoba kusahlasele iCovid-19 nje.
Uthe balinda izimoto ezithutha amanzi kuze kuphele amancane la abasuke bewakhelele. Uthe kwenye inkathi baze bephoqeleke ukuba bethenge ukudla osekuphekiwe ngoba bengenawo amanzi okupheka. “Sifuna ukwazi ukuthi abanjani abakhishelwa izimoto zamanzi nokuthi kukhishwa ezingaki. Siyezwa ukuthi kwezinye izindawo ziyafika kodwa ngakithi azifiki. Sesiside isikhathi silindile kungenzeki lutho. Siwumphakathi sesikhathele ukubekezela ngoba sithatheka kancane,” usho uJangaza. UNgqongqoshe womnyango uMnuz Sipho Hlomuka, unxuse izakhamuzi ukuba zibekezelele umnyango zingaphazamisi izinhlelo zosuku noma zicekele phansi ingqalasizinda. Uthe uyakuqonda ukuthi abantu banelungelo lokubhikisha nelokwedlulisa izikhalo, kodwa kumele bekwenze ngendlela efanele. Uthe zisekhona izinkinga futhi umnyango uzama ngandlela zonke ukuzixazulula ngokushesha.
Uthe umnyango ususungule uhlelo iKZN Water Masterplan, kuyo okuzobhekwa ukuthi iziphi izindawo ezingenawo amanzi, ezinawo angakanani, kubhekwe kakhulu ngokwama-wadi. “Lokhu kuzosisiza ukuthi sikwazi ukuthi uma sekufakwa imali, kudingeka malini. Sihlose ukuthi umuzi nomuzi ube nompompi onamanzi, kodwa njengoba kungakenzeki-nje, sizozama ukuthi sakhe ama-borehole ukuze umphakathi uzokwazi ukuthola amanzi,” kusho uHlomuka. Ngenkathi kuthintwa ngocingo uKhansela Sipho Kaunda oyikhansela elisangamele le wadi njengoba ingakakabi nalo ikhansela ngokugcwele ngemuva kokushona kobeyikhansela uKhansela Bheki Thabethe ngo-2019, ucele ukuba abuye athintwe. Uma esethintwa inombolo yakhe ibingasangeni, kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.








