Babhekene nenkinga yamanzi eNgonyameni

0
85
Sekuphele isonto izakhamuzi zaseNgonyameni zingenawo amanzi

IMPILO isinzima kwizakhamuzi zaseNgonyameni osekuphele isonto zingenawo amanzi, zithi aziqondi ukuthi kungani lungabibikho uhlelo oluhlelekile lokuhanjiswa kwamaloli amanzi emphakathini ngoba olukhona njengamanje alusebenzi kahle.

Zthi uma kungapheli izinsuku amanzi engekho kufika iloli elisuke liphethe amanzi amancane angenelisi wonke umuntu. Amaloli aphinde afike emini abantu bengekho emakhaya. Izakhamuzi zithi ukungafiki njalo kwamanzi sekwenyuse nobugebengu endaweni.

Oyisakhamuzi ongathandanga ukuzidalula igama uthe ngenxa yokuthi abantu abanawo amathangwe okugcina amanzi, kukhona asebengena emzini yabantu beyontshontsha izitsha zokukhelela amanzi kanti namathangwe asentshontsheka kalula ngoba awasenamanzi,

“KIukhona nabashayeli bamaloli abenza ukukhohlakala bethele endaweni eyodwa bephindelela, abanye bakhokhelwa u-R500 ukuze bezothelela umuntu kwakhe. Abantu sebeze besingenele emakhaya bezontshontsha amanzi,” kusho ilungu lomphakathi.

Omunye usole ukuthi inkinga ebhekene nomphakathi yokushoda kwamanzi ihambisana nenkohlakalo ukuze uMasipala weTheku uzokhokhela abanikazi bamaloli, wathi akaqondi ukuthi kungani bengaxhunyelwa amapayipi njengakwezinye izindawo.

“La maloli agcine esehambisa amanzi ngobuqili. Awenzi umsebenzi ngendlela efanele. Abasibuyisele amapayipi abantu bakwamasipala. Sikhathele indaba yala maloli ngoba ayaxabanisa. Athelela abanye, abanye engabatheleli,” kusho isakhamuzi.

Umphakathi ukhala nangokuthi ukushoda kwamanzi sekwenze impilo yaba nzima emndenini enabantu asebekhulile kanye nabantu ababuthaka. Ukhala nangokungatholakali kwekhansela uma unezikhalo ngendlela ohlinzekwa ngayo amanzi.

Kuze kwashaya isikhathi sokuishicilela imbuzo ebithunyelwe kumasipala nge-email ingaphendulwanga.