Luseyinkinga olokubhebhetheka kwesifo sofuba

0
76
I-7th South Africa TB Conference ibihlanganise abantu abavela kwizinhlaka ezehlukene zikahulumeni nezinhlangano zomphakathi

LUSEYINKINGA udaba lokubhebhetheka kwesifo sofuba KwaZulu-Natal, okunomthelela omkhulu kulokhu ukuthi abantu abaningi besilisa basahambela kude nezikhungo zezempilo okwenza bengalutholi usizo lwezempilo uma kwenzeka bengenwa ilesi sifo.

Lokhu kuvele kwingqungquthela yezinsuku ezintathu ebihlanganise ongoti kanye nabasebenzi bezempilo, bezobonisana ngezindlela zokunqoba isifo sofuba kuleli i-7th South Africa TB Conference ebise-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) ngesonto eledlule.

Kuyo kuvele nokuthi nakuba izibalo zabanalesi sifo zehla kodwa isifunda seTheku yiso esisahamba phambili ngezibalo zabanaso KwaZulu-Natal, iTheku lona lihamba phambili kuzo zonke izindawo. Lesi sifo kuseyiso esibulala kakhulu abantu kwisifundazwe. Lokhu kwenziwa ukuthi abaningi abalutholi usizo kanti abanye abadli imishanguzo ngendlela efanele.

Kuphinde kwavela ukuthi bangaphezu kuka-110 000 abantu ababulewe isifo sofuba phakathi kuka-2020 no-2021. Kusolakala ukuthi bangaphezu kuka-1 million abantu asebebulewe ilesi sifo kuleli kusukela ngo-2010. INingizimu Africa ingelinye lamazwe anezibalo eziphezulu zabantu abahaqwa nababulawa ilesi sifo.

Ethula inkulumo yakhe yokuvula ngokusemthethweni le ngqungquthela, uDkt Sibongiseni Dhlomo oyiPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo, uthe kudingeka ucwaningo oluzoveza ukuthi kungani lesi sifo sisaqhubeka nokubulala abantu nakuba sekunolwazi nobuchwepheshe obusha bokubhekana naso.

UDkt Harry Moultir oyiSenior Medical Epidemiologist kwiNational Institute of Communicable Diseases, uthe kudingeka ukuthi kube nezinhlelo ezizobhekana nokubhebhetheka kwesifo sofuba kusukela komasipala basekhaya ngoba okuningi okuhlelwa emnyangweni kazwelonke akufinyeleli kuzona zonke izindawo.

UDkt Norbert Ndjeka onguMqondisi weTB Control emnyangweni, uthe iNingizimu Africa iyehluleka ukulwisana nalesi sifo futhi isele ngemuva kwizinhlelo zeWorld Health Organisation (WHO) zokusiqeda ngaphambi kuka2035. Uthe nakuba imishanguzo imahhala kodwa izindleko zokuyilanda ezikhungweni zezempilo yenza abanye bengayidli ngendlela efanele.

UNkk Nomagugu Simelane-Zulu onguNgqongqoshe kwisifundazwe, uthe kuyashaqisa ukuthi abantu babulawa ilesi sifo ekubeni silapheka. “Kumele siphinde sikusho ukuthi umnyango usathwele kanzima ekutholeni abantu abanesifo sofuba emphakathini. Sinxusa abantu ukuba bephume ngobuningi babo ukuyohlolela lesi sifo,” kusho uSimelane-Zulu.

UMntwana uNhlanganiso Zulu oyinxusa lokulwisana nesifo sofuba, ukhuthaze amadoda ukuba engahambeli kude nezikhungo zezempilo. Uthe ukuthola usizo kuzo akubuqedi ubudoda. Uphinde wenxusa amadoda ukuba elandele zone izeluleko zabasebenzi bezempilo ngoba banolwazi olunzulu ngezinto abasuke bekhuluma ngazo.