Owesilisa ecaleni lezinsolo zokubulala usana ngesihluku

0
91

OWESILISA waseClare Estate, eThekwini, uthweswe icala lokubulala ngemuva kwezinsolo zokujikijela usana lwentombazane olunezinyanga ezingu-9 ubudala ebhulohweni ngeSonto. Umsolwa usolwa nangokushisa emimijondolo yasemgwaqeni uPalmiet.

USiphesihle Zondi (22) oshonelwe yingane yakhe okuwukuphela kwayo uLerato, ubekhungathekile ngesikhathi abezindaba bexoxa naye kodwa ubefuna ukuxwayisa abanye ngokuba nobudlelwano obuhlukumezayo. ULerato ubenezinyanga eziyisi-9 kuphela.

UZondi uthe usehlukene nesoka lakhe elingeke lidalulwe ezinyangeni ezimbili ezedlule kodwa belilokhu licela ukuhlangana nalo ngemiyalezo eminingi kuFacebook.

Kuthe sekuphakathi kwamabili ngoMgqibelo wangqongqoza endlini yakhe okuthe uma ephendula wavele wakhahlela isicabha wangena ngenkani. wathatha uLerato wamyisa emjondolo oseduze.

Umsolwa kusolakala ukuthi waya emijondolo eqhele ngamamitha angu-50 ukusuka kwaZondi wayokhela ngomlilo oyedwa ezama ukuphumela obala ukuze abone ukuthi ubani onengane yakhe. Umlilo ubhebhetheke wacekela phansi eminye imijondolo engu-10. Kuso lesi sihlava kuthiwa umsolwa ubonakale ebamba usana wabaleka. Umphakathi wabikelwa, kwathi ngemuva kokumcinga wamthola endaweni okusolakala ukuthi wamshaya ngesikhathi umbuza ukuthi lukuphi usana.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, uncenge umphefumulo wakhe kanti kuthiwa wakhombisa amaphoyisa lapho ejikije khona ingane ebhulohweni lomfula uPalmiet Road.

UZondi uthe ngesonto eledlule waya eNkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho eyofuna khona incwadi yokumvikela kanye nencwadi yokuthi isoka lakhe, ummangalelwa, limbuyisele amafoni akhe amabili kanye nokuthi akhokhele isondlo sengane.

UZondi uthe ufuna kwenziwe ukuhlolwa kobaba ngaphambi kokuthi akhokhe isondlo sengane. Ummangalelwa uthe ubengeke ayondle ingane angenaso isiqiniseko sokuthi ngeyakhe. UMajola uthe umphakathi ubumbuza kaningi ukuthi iphi ingane kodwa wenza sengathi akayazi.

UNonkonzo Ntongazane ohlala emjondolo uthe ulahlekelwe yikho konke. Akanayo indawo yokuhlala. Kwakuyinto ababengahlanganise lutho nayo. Uvuswe omakhelwane behayiza phakathi kwamabili befuna ukuphuma emjondolo, njengoba umlilo ubusubhebhetheke.

Ilungu lomphakathi elingathandanga kudalulwe igama lalo ngoba lesabela impilo yalo, lithe abantu abanjalo abavumelekile ukuhlala emphakathini ngoba kuyabonakala ukuthi “uyisilwane esenza isenzo sobugovu”. Uthe ummangalelwa uthinta abantu abangahlangene nengxabano kanti okubi kakhulu wukuthi uvele wazibulala.

“Akudingeki ukuthi sikhiphe intukuthelo yethu ngaleyo ndlela. Angathanda ukuthi abezenhlalakahle beze emphakathini ukuze babhekane nezinkinga zabantu. Amaphoyisa aseSydenham avule icala lokushisa nelokubulala.