Injabulo abafundi benikelelwa ngemifaniswano yesikole

0
54
Injabulo ibibhalwe ebusweni kubafundi basezikoleni ezingaphansi kwesifunda saseMlazi abahlomule ngemfaniswano yesikole ngenkathi bevakashelwe ongqongqoshe bezemfundo

IZIHLATHI zivakashele izindlebe kubafundi basezikoleni eziseMbumbulu okwacekeleka phansi amakhaya wabo ngenxa yezikhukhula zango-Ephreli, ngenkathi uMnyango wezeMfundo ubanikelela ngemifaniswano wesikole ohlelweni lwawo lokuqinisekisa ukuthi ukufunda nokufundisa kuyaqhubeka ezikoleni emva kwezikhukhula.

Umnikelo ubuhanjiswe iPhini likaNgqongqoshe uDkt Reginah Mhaule kanye noNks Mbali Frazer onguNgqongqoshe kwisifundazwe. Uhanjiswe eNtinyane Primary ngesonto eledlule. Lokhu kuphinde kwahambisana nohlelo lokuhlola ukuthi konke kuhamba kahle ezikoleni. Umnyango uhlose ukuxazulula zonke izinkinga ezisezikoleni ngokuhambela kwizifunda.

UFrazer uthe umnikelo uzoba usizo kubafundi ngoba bakhahlamezeka kakhulu ngenxa yezikhukhula, ngaphezu komonakalo owenzeka emakhaya kwaphinde kwaphazamiseka ukuya kwabo ezikoleni. Wengeze ngokuthi impumelelo yabafundi idinga ukuthi wonke umuntu emphakathini ebambe iqhaza.

Uthembise ukuthi umnyango uyaqhubeka nokulwisana nezinkinga ezisezikoleni, wenxusa umphakathi ukuba ubambisane nomnyango. “Siyaqonda ukuthi kukhona izinto ezingagculisi ezenzeka ezikoleni kodwa ngiyakuqinisekisa ukuthi singumnyango senza konke okusemandleni ukuxazulula izinkinga,” kusho uFrazer.

Uthe kuyinkinga enkulu ukuthi kukhona abantu abasaqhubeka nokuxekela phansi izikole, bentshontshe nempahla okumele yakhe ikusasa labafundi. Uthe kusemqoka ukuthi kubikwe bonke abantu abacekela phansi izikole emaphoyiseni, wathi uma kukhona umphakathi okhala ngakho kumele ulandele izindlela ezifanele zokwedlulisa izikhalo ukunokuvala izikole.

Khonamanjalo uFrazer useveze ukuthi umnyango awunayo imali eyanele yokuthutha bonke abafundi abadinga izithuthi kulesifundazwe. Uveze lokhu ngenkathi ethula umbiko phambi kwamalungu eSishayamthetho sesifundazwe. Uthe nakuba umnyango unesifiso sokubathutha bonke abafundi kodwa baningi kakhulu abafundi abadinga ukuthuthwa.

“Isifundazwe sinabafundi ababalelwa ku-117 000 abadinga usizo lwezithuthi kodwa asikwazi ukubathutha bonke ngenxa yokusweleka kwezimali,” kusho uFrazer. Uveze ukuthi okwamanje balinganiselwa ku-67 000 abafundi abathuthwa umnyango nsuku zonke, wathembisa ukuthi umnyango uzobheka ukuthi singanyuswa kanjani lesi sibalo.