
AMADODA aseMlazi enze isifungo ngokuthi azohamba phambili ezinhlelweni zokuvikelwa kwezingane kanye nabantu besifazane ngenkathi kwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso weGood Men Foundation i-16 Weeks of Activism Against GBV, eyethulwe eMax’s Lifestyle muva nje.
Lo mkhankaso wethulwe uMnuz Njabulo Nzuza oyiPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uSomlomo weTheku uKhansela Weziwe Thusi, uMqondisi we-Uyinene Foundation uNks Masimbulele Buso, nabanye. Kulindeleke ukuthi wedlulele eNanda, Empangeni, naseMgungundlovu. Amadoda asayine isibophezelo sokuthi azoba ingxenye yezinhlelo zokunqanda lesi sihlava kuleli lokishi kuzo okubalwa ukufundiswa kwezingane zabafana indlela yokuziphatha, nezigcawu zamadoda. Zizoqhutshwa ngokubambisana namaphoyisa, abaholi bomphakathi, izinhlaka zikahulumeni, nabanye.
UNzuza uthe le nhlangano ihlose ukushintsha indlela abesilisa abaziphatha ngayo nabaphilisana ngayo nabesifazane abasondelene nabo. Uthe bakholwa ukuthi izenzo zomuntu zingenxa yendlela akhuliswe ngayo, kodwa ziyashintsha uma ephila nabantu abanomthelela omuhle empilweni yakhe. “Yingakho sikhethe ukutshengisa izingane zabafana indlela efanele yokuziphatha. Lokhu akusho ukuthi amadoda azosala ngaphandle, sizowatshengisa ukuthi ikuphi okumele ekushintshe ukuze kuzoba nokuthula emphakathini. Siyajabula ukubona ukuthi maningi amadoda azimisele ngokubambisana nathi,” kusho uNzuza.
UThusi ukushayele ihlombe ukwethulwa kwalo mkhankaso, wathi lokhu kutshengisa ukuthi kuningi okumele kwenziwe abantu besilisa ekunqandeni ukuhlukunyezwa kwezingane nabantu besifazane. Uthe amadoda kumele evikele abesimame kuzo zonke izinhlobo zokuhlukumeza. “Kumele senze ngokusemandleni ukufinyelela ezinganeni zabafana nabantu besilisa. Sikholwa ukuthi uma singakwazi ukushintsha izingane zabafana, izwe liyoba namadoda anothando nanakekelayo enkathini ezayo. Sifuna ukuthi lezi zinhlelo zifundise amadoda ukuba ehloniphe abantu besifazane,” kusho uThusi. Uzime wakuleli uShudufhadzo Musida, uthe ukuhlukunyezwa kwabesimame kubavimbela ekufezeni amaphupho wabo. Uthe abatholi amathuba okuzibonakalisa ngoba basacwaswa ngokobulili. “Kuzofezeka okuningi uma singabambisana, wonke umuntu enze okulingana naye,” kusho uMusida.






