
Bekushubile kukhankaswa eHammarsdale
UBUNGENE kwelinye igiya umkhankaso wokugaya amavoti ku-Wadi 6 elokishini eMpumalanga ngaseHammarsdale ngesikhathi omengameli bamaqembu bavala umkhankaso wokugayela amavoti amalungu amaqembu afolosa ngabo ngoLwesine.
Kucace bha ukuthi umbango omkhulu kule wadi uphakathi kwe-African Freedom Revolution (AFR) kanye ne-African National Congress (ANC) njengoba uMengameli we-AFR, uSolwazi Bhishobhi TB Ngcobo ubetheleke nezakhe kule wadi ukuzogalela amavoti uNksz Nozipho Hlongwane. UMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa nayo utheleke nolwakhe udwendwe ukuzoshayela isipikili sokugcina ephelezelwa uSihlalo wohlaka lwesikhashana lwe-ANC kwisifunda saseThekwini, uNkk Zandile Gumede kanye noSihlalo wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, ukuzoqinisekisa ukuthi lewadi ayiphumi esandleni se-ANC njengoba yona ifolose ngoLungisani Sikhakhane. Lolu khetho lokuchibiyela lubanjwe kulandela ukushona kobelikhansela lewadi uMnuz Lucky Nhlanhla Mngwengwe oshone ngoJanuwari kulonyaka ngemuva kokugula. Ukubaluleka kwale wadi ku-ANC kubonakale ngokuthi selokhu umkhankaso uqaliwe ibilokhu ithumela osondonzima bayo.
Phakathi kosondonzima be-ANC abatheleke kule wadi ngezinsuku ezehlukene kubalwa umgcinimafa wayo, uMnuz Paul Mashatile, ilungu lesigungu sikazwelonke, uDkt. Zweli Mkhize, amalungu ahlukene ezingeni lesifundazwe njengoba umkhankaso iwuphothule ngoMengameli wayo uMnuz Ramaphosa. I-Economic Freedom Fighters (EFF) yize ingabathumelanga osondonzima bayo, kodwa uSihlalo wayo esifundeni iTheku, uMlebuka Hlengwa, uthe ukufolosa kwabo ngoBless Gumede kulolu khetho lokuchibiyela kule-wadi kuyizinkomba zokuthi sebeqale umkhankaso wabo obheke ekuletheni umehluko emphakathini, futhi bafuna ukuwina izinketho manje.






