KUSHINTSHE impilo yabafundi abaningi ngesikhathi benikelelwa ngezicathulo zesikole. Lokhu kunikela kwenziwe amaphoyisa esiteshi saseMlazi ngokubambisana nosonhlalakahle beDurban Lifeline.
Lamaphoyisa ahambele isikole samabanga aphansi Isithokozile Primary school afike anikela ngezicathulo zesikole eziwu-12, ama-pencil case awu-12 kanye nama-hamper amancane awu-12 kubafundi. Amaphoyisa athi kubalulekile ukuvikela umphakathi uhlale uzizwa uphephile, kodwa kubalulekile nokubuyisela emphakathini. “Lona akuwona umsebenzi wamaphoyisa, kodwa futhi umsebenzi wobuphoyisa awukalelekile ngoba kwesinye isikhathi uyazithola usuyiKhansela, usungumhlengikazi kanti futhi uphinde ubengumelaphi womphefumulo. Uma isimo siphoqa siyenza. Lokhu esikwenzayo kuyahlala emiqondweni yalaba esisuke sibasiza,” kuchaza isitatimende samaphoyisa esithunyelelwe abezindaba.
Amaphoyisa athi azimisele ukwakha ubudlelwano obuqinile nabafundi bezikole ezahlukene. Ngokusho kuka Khomanda wesiteshi samaphoyisa saseMlazi uBrigadier Bongi Ntuli uthi kubalulekile ukuthi abafundi bazi ukuthi amaphoyisa awafiki kuphela uma kwenzeke ubugebengu, kodwa azimisele ukwakha ubudlelwano obuhle nomphakathi. “Lokhu kwakha ubudlelwano obuhle phakathi kwamaphoyisa kanye nomphakathi. Isenzo esifana nalesi singenza ngiziqhenye ngamaphoyisa, sizoqhubeka nokulwa nobugebengu kanjalo nokwelula isandla lapho kudingeka khona. Nginethemba lokuthi lomnikelo owenziwe kwisikole Isithokozile Primary uzobasiza kakhulu abafundi bakhona,” kusho uBrigadier Bongi Ntuli.






