LINGENE kuvuthondaba icala lokubulawa ngesihluku esinyantisa igazi kukaMnuz Thulani Nxumalo owayelikhansela likaMasipala weTheku ngaphansi kwe-African National Congress (ANC) elimele uWadi 12, entshonalanga yeTheku ehlanganisa nelokishi laKwaNdengezi.
UMnuz Nxumalo owake wabangusihlalo weSigungu soMphakathi esisebenzisana namaphoyisa, iCommunity Policing Forum (CPF), kanye noSihlalo wegatsha le-ANC ewadini wadutshulwa ebusuku ngentululwane yezinhlamvu ephuma emhlananganweni weKomidi Lesigungu se-ANC ezingeni legatsha ngoSepthemba 3, 2018. Wadutshulwa wabulawa ngabantu abangaziwa ngasemzini wakhe. Ngaphambi kokubulawa kuthiwa kwakunezigaba ezazenzeka ezahlanganisa nokuqhuma kwezibhamu eduze komuzi wakhe.
Ngaphandle kokuqhuma kwezibhamu kuthiwa kunesehlakalo lapho kwezwakala umuntu engqongqoza phakathi kwamabili kwelinye lamawindi emzini wakhe, okwathi uma uMnuz Nxumalo eyobheka lowo muntu wabaleka, kwagcina kungatholakalanga ukuthi ngubani futhi wayefunani. Ngemuva kophenyo olunzulu lwamaphoyisa kuholele ekuboshweni kukaMnuz Felokwakhe Ndlovu nendodana yakhe, uLindokuhle Ndlovu kanye nonkosikazi kaMnuz Ndlovu uNkk Sibongile Ndlovu. Kuleli cala eshukwa eNkantolo yeMantshi ePinetown sekuthinteka namaphoyisa kuloludaba lokubulawa. Kuvela ukuthi kunofakazi wenkantolo oqandula ikhanda odedela amabhomu ngaloludaba okuthinta nokushushumbiswa kwemali. NgoLwesithathu olwedlule inkantolo ithole ilalele ukuthi amaphoyisa amabili aphezulu amukela kanjani u-R120 000 ukuze elilodwa lawo liphazamise icala lokubulawa kukaMnuz Nxumalo. Umshayeli we-Uber u-Andile Hlophe enkantolo udalule ukuthi ushayelele imoto uNkk Sibongile Ndlovu nabanye abantu ababili ukuyohlangabeza uLieutenant-Colonel Khephu Ndlovu esiteshini samaphoyisa eDurban Central lapho uMbuso usola khona ukuthi uSibongile kusolwa ukuthi wanikela uLieutenant-Colonel noKaputeni Bongani Dlamini imali.
ULt-Col Ndlovu benoKapt. Dlamini kuleli cala eliqhubeka nokuqulwa babhekene nezinsolo zecala lenkohlakalo kanye nokuphazamisa ukusebenza komthetho kanye noNkk Sibongile Ndlovu, uMnuz Felokwakhe Ndlovu kanye nendodana yabo uLIndokuhle Ndlovu. Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe, uHlophe utshele inkantolo ukuthi uyamazi uNkk Sibongile Ndlovu ngoba bevela elokishini elilodwa. Uthe wayejwayele ukumhambisa amhambise ejele laseWestville lapho ayejwayele ukuvakashela khona umyeni wakhe owayeyinduna. UHlophe uthe wake wamthatha uNkk Ndlovu wamyisa eFNB eThekwini, kwathi ngemuva kwezinsuku ezimbalwa, wamyisa esiteshini samaphoyisa eDurban Central. “Sengihambile kaningi ngiya ejele laseWestville ngithutha uSibongile (uNkk Ndlovu) kodwa bekunezimo ezimbili lapho acele ukuyiswa enkabeni yedolobha kanye nasesiteshini samaphoyisa iDurban Central. Ngesinye isikhathi, ngamyisa eFNB enkabeni yedolobha ngaphambi kokuba siye ejele laseWestville,”kusho uHlophe.-Icala liyaqhubeka.








