Kuyaphela ngamabandla angenaye umfundisi oshadisayo

0
143

KULINDELKE ukuthi kuphele nya ukuhamba kwabazalwane beyokhothama kubefundisi bakwamanye amahlelo uma kunamalungu awo azoshada ngoba bengenaye umfundisi oshadisayo kulelo bandla.

Lengqophamlando yabefundisi asebekhulile yokunyelwa yinyoni esandleni imenyezelwe emhlanganweni weBhodi yamabandla, i-International Christian Confederation (ICC) obungempelasonto eMbo ngaphandle kwaseHillcrest entshonalanga yeTheku. Ethula lesi simemezelo, uSihlalo weBhodi uSol JM Ncube,  esishayelwe elikhulu ihlombe abaholi bamabandla abebegcwele phama ihholo ngokwesibalo se-Covid 19, uthe ubonga umusa kaNkulunkulu ukuba ekugcineni leli phupho lize lifezeke ngemuva kokuba kade esehla enyuka ezama ukuthola izindlela okungasizakala ngazo abefundisi asebekhulile ukuze bakwazi ukushadisa ngokusemthethweni.

“Loludaba bengehla ngenyuka ngiya eMnyangweni wezaseKhaya kuboniswana, ngesicelo sokuba abefundisi bakwazi ukushadisa yize bengenawo u-matric. Ngemuva kwesikhathi siyilwa ngomkhuleko lendaba kodwa ekugcineni icebo likaNkulunkulu lifezekile,”kusho uSol Ncube. Kodwa okubalulekile ukuthi akusibo bonke abefundisi bamahlelo abazothola leli thuba eliyivelakancane, kubalulekile ukuthi babe ngaphansi kweBhodi yamabandla, i-ICC. Ngaphandle kwezifundo zokushadisa abaholi babuye bethulelwa nohlelo oluzokuba wusizo emabandleni abo uma kwenzeka bedlulelwa emhlabeni yilungu labo nalo olushayelwe elikhulu ihlombe. Lolu hlelo lwethulwe abeMgoza Holdings.

Akugcinanga lapho babuye bathola nendlela elula ezokuba wusizo uma befuna ukwakha izindlu zamabandla abawaholayo. Baphinde bachazelwa kabanzi ngodaba lwesibonelelo sabaholi namabandla njengoba kunesifo soKhuvethe nokuthi iyiphi imigudu okufanele bayilandela njengoba bekunonakala kukhona abathola amaphasela okudla. Lolu hlelo belwethulwa ngu-Apostle Dr. SNT Mbatha obeqhamuka ngasohlelweni obuholi bamabanga ngaphansi koMkhandlu weTheku. Abaholi nabefundisi namalungu amakomidi amabandla abuye athamela isifundo ebesethulwa nguSolwazi JM Ncube ingqikithi yaso obekungukuZiveza njengesisebenzi esithembekile eNkosini nezinto ezincane ezilakhayo ibandla esisuselwe kuMathewu 25:20-21. Uma ufisa ukuthola kabanzi  shayela ku-0761098222 noma ku-0794625504 noma uzifikele mathupha emahhovisi eHoly Nation ePinetown ngaphesheya kwaseCivic Centre.