Kuhlomula abaphila nokukhubazeka

0
42
Imeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda enika owesifazane etayitela ophila nokukhubazeka

ZIZOBA ziningana izinhlelo zabantu abaphila nokukhubazeka ezizofakwa kwisabelomali esihlongozwa uMasipala weTheku kulo nyaka uma kuqhathaniswa neminyaka eyedlule.

Lokhu kuvele ngenkathi iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, ebambe umhlangano nabezinhlangano zomphakathi ezilwela amalungelo wabaphila nokukhubazeka. Umhlangano ububanjelwe Durban Exhibition Centre muva nje. Kuwo bekubhungwa ngezinhlelo ezizofakwa kwisabelomali sika-R52.3 billion sika-2021/2022. Abantu abaphila nokukhubazeka bathole nethuba lokuzicelela abafisa ukusizakala ngakho kubuholi bakamasipala, baveza nezikhalo abanazo ngezinye zezinhlelo zikahulumeni. Lo mhlangano uphinde wasetshenziselwa ukunika abantu abaphila nokukhubazeka amatayitela ezindlu abazakhelwa uhulumeni. Lokhu kungena ngaphansi kohlelo olukhulu lukamasipala lwentuthuko edidiyelwe, ubuholi kanye nabasebenzi bakamasipala bahambela emphakathini ukuyochazela izakhamuzi ngakho konke okuhleliwe. Lokhu sekwenzeke ezindaweni ezifana ne-Umnini, Inanda kanye naseHammarsdale. UKaunda uthe lokhu kuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uba nezwi kwindlela okusebenza ngayo uhulumeni. Uthe lokhu kuhambisana nentando yeningi ngoba kunika abantu ithuba lokuzithathela izinqumo. “Sifuna abantu bengasali ngemuva kulolu hlelo lwentuthuko edidiyeliwe esiluqhubayo. Abazisholo ukuthi ikuphi abakudingayo,” kusho uKaunda.

Iphawula iMeya ngephuzu lokunikezwa kwabantu amatatiyela ugxeke kakhulu uhulumeni wobandlululo wathi, wawunonya kakhulu kangangokuthi wawungavumeli ukuthi abantu abamnyama babengabanikazi bomhlaba abasemthethweni. “Njengohulumeni onakekelayo, sidinga ukuphuthumisa uhlelo lokunikezwa kwamatatiyela ngaleyondlela sizobe sibuyisa isithunzi kubantu kanye nesiqiniseko sokuphepha ngobuninimuzi.” “Ukuze sibhekane nalolu hlelo lwamatayitela sibone kubalulekile ukuthi sisungule ithimba nophiko lukaMasipala weTheku lwezokuHlaliswa kwaBantu ukuze kuqinisekiswe ukuthi amatiyitela anikezwa abantu abawafanele,” kusho uKaunda.