
UDABA lomfundi wamabanga aphansi okuthiwa ushaywe wuthisha waze wagodla ingalo seluthathe elinye igxathu kulandela ukuphawula kukaSihlalo we-Economic Freedom Fighters (EFF), ezingeni lesifundazwe, othe bahlela ukulungenelela.
U-Emihle Bhengu ofunda uGrade 4 esikoleni samabanga aphansi eDlonkolo KwaNgcolosi ngaphandle kwaseHillcrest, entshonalanga yeTheku, kuthiwa washaywa wuthisha ngemuva kokuba kade exabene nabanye abangane bakhe ngaphambi kokuba izikole zivalwe. Lokhu kushaywa kwakhe kuholele ekutheni alimale kangangokuthi uze wayofaka ukhonkolo. Ngesikhathi sokuloba loludaba umfundi ubesabhuquza ekhaya, kanti nothisha kuthiwa useke wavela eNkantolo yeMantshi yesifunda sasePinetown. Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele utshele abemithombo yezindaba ukuthi uthisha uvele ngoLwesine olwedlule eNkantolo yeMantshi ePinetown ebhekene necala lokushaya umfundi elenzeke ngo-Ephreli 16. Uthe umfundi waze walimala waze wayothola usizo esibhedlela. Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe awukho umthetho ovumela uthisha ukuba ashaye umfundi esikoleni, wathi bayabanxusa othisha ukuba balandele umthetho woMnyango.
USihlalo we-EFF kulesi sifundazwe, uMnuz Vusi Khoza, uthe bafuna uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mshengu, ukuba asukume ahambele kulesi sikole ayobhekana nalolu daba ukuze kutholakale isixazululo. Uthe uma lokho engakwenzi bazongenelela njenge-EFF ngokuthumela ithimba labo elibhekele ezemfundo ukuze kutholakale isixazululo. UNkk Nomvuyiselo Dlamini ilungu leSishayamthetho elimele i-EFF kulesi sifundazwe, ohlala ekomidini lezemfundo uthe, basalindele ukuthola imininingwane okuthi uma beyithola bazokwazi ukuthi bangenelela balulandele loludaba ngendlela efanele. UMnuz Khoza ubuze ukuthi olwani loludlame olungaka ingane ize igone ingalo? “Kubalulekile Ngqongqoshe ukuba ungenelele ngokusheshe ngaphambi kokuba sizifikele thina mathupha,”usho kanje.






