
AMAPHOYISA asePinetown aseqale ukuqinisa imikhankaso yawo yokulwa nobugebengu ngezindlela ezahlukene obudla lubi kuleli lidolobha eselichazwe njengesihogo sobugebengu.
Ukubanjwa kwabantu inkunzi kuleli dolobha muva nje besekufana nensakavukela umchilo wesidwaba ngoba abantu kunezindawo abebenjwa kuzo inkunzi kungabi ndaba zalutho, kwesinye isikhathi abantu bazibukele nje kungabikho mnyakazo abawenzayo. Izinhlangano zemigwaqo nasemarobhothini zingezinye zezindawo abashayeli bezimoto ababhubhayo kuzo bebannjwa inkunzi besekuba namakhona ayingozi okufanele uhambe kuwo ujeqeza ngenxa yezinswelaboya ezinkanisa kuwo. NgoLwesithathu olwedlule abasophikweni lwamaphoyisa lezokuxhumana, amaphoyisa alwa nobugengu kanye nezinye izinhlaka ezibhekele ezokuphepha kuleli dolobha baphume umkhankaso baqwashisa umphakathi ngalobugengu.
Umphakathi unxuswe ukuba uqaphele ikakhulukazi ezimpambanweni zemigwaqo nasemarobhothini okungezinye zezindawo okudlalela kuzo izinswelaboya. Umkhankaso wamaphoyisa ubugxile emigwaqeni engaphakathi kuleli dolobha, nasemarenki amatekisi namabhasi. UKaputeni Bongumusa Manqele osophikweni lwezokuxhumana uthe, beyiloluphiko bebambisene nolwamaphoyisa olulwa nobugebengu emphakathini baphume lomkhankaso ukuqhubeka nokuqinisekisa ukuthi umphakathi uyaluthola ulwazi kanye nokuqinisekisa ukuthi yiliphi iqhaza okufanele ulibambe ukunciphisa ubugebengu kuleli dolobha ngoba amaphoyisa ngeke abuqede ewodwa.
Ngesikhathi amaphoyisa esemgwaqeni ngasezitolo abekhipha amapheshana achaza ngobugebengu, izndlela umphakathi ongalekelela ngazo, kanye nezinombolo zokubika ubugebengu noma nje kunesimo esiphuthumayo. “Ngesikhathi siqwashisa, siqhakambise ubugebengu obujwayelekile obubukeka buyinkinga njengodlame lwasekhaya, ukudunwa kwezimoto, ukwebiwa kwezimoto nokubanjwa kwenkunzi,” kusho uKapt. Manqele. Umphakathi uphinde wanxuswa ukuba uqaphele uma usondela ezimpambanweni zemigwaqo nasemarobhothini. “Kufanele benze isiqiniseko sokuthi abahamba ngezimoto amawindi abo avaliwe neminyango ikhiyiwe ngendlela ukuqinisekisa ukuthi ababi yizisulu zobugebengu,” kusho uManqele.






