
UYISIBONELO esihle kwabasaba ukubhekana nenselelo owesifazane ophila nokukhubazeka uNksz Ntombizanele (Zanele) Situ. Lona wesifazane ubeyingxenye yama South African Paralympics ayebanjelwe eTokyo nyakenye.
Le ntokazi esizuze imiklomelo emningi okubalwa nendondo yegolide, ibikade iyingxenye yama paralympics ngo-2020, lapho yayidlala khona kumkhakha wokuphonsa kwi-javelin. UNks Situ (50) unezindondo zegolise enye wayithola kuma Paralympics, enye kuma-IPC Athletics World Championships, kanti ungowesifazane wokuqala eNingizumu Afrika ukunqoba indondo yegolide kuma Paralympics. USitu ngesikhathi eneminyaka ewu-11, kwatholakala ukuthi uneTB yomgogodla, nokwamshiya engasakwazi ukuzihambela ngezinyawo zakhe. Kodwa uthando lwezemidlalo aluzange lumvimbe ekutheni azibandakanye nezemidlalo yize esenokukhubazeka, wazibandakanya nezemidlalo zabantu abaphila nokukhubazeka, waqala wadlala ukuphonsa ehleli phansi (javelin), table tennis, discuss kanye neshot put.
Lona wesifazane uthi ubehlezi enamazwi amgqugquzelayo athi “Uma ukwazi ukuyiphupha, ungayenza”, nokuyiwo amenza waphumelela kwezemidlalo wakwazi ukuzuza izindondo anazo. Unxenxe abazali ukuthi batshale kubantwana babo ukuze kuzozuza bona kanye nomphakathi wonkana. Bekungokwesithupha uSitu ebayingxenye yama Paralympics. Uthi inselelo aseke abhekana nayo ukuthi athole ukwacwaswa ngokukhubazeka kwakhe. “Lokho angizange ngikuvumele kungikhathaze, ngabhekana nokwenza kangcono kwezemidlalo. Ngizibona ngikhula kwezemidlalo, ngoba ngingowesifazane owomelele,” kusho uNks Situ. Lona wesifazane ubesenhlanhleni yokunikelelwa isikhungo semfundo ephekeme ngesihlalo esinamasondo (wheelchair), esakhelwe ukubhekana nesimo sakhe. Lesihlalo sakhiwe uZahied Mukaddam kanti wasisebenzisa ngesikhathi kunemidlalo eTokyo.“Ngiyabonga kakhulu kwiMancosa noZahied ngokuhle abangenzele kona. Nginethemba lokuthi ezinye izinhlangano zizonikelela nabanye abasebancane abayingxenye yama para-athletes, abadinga usizo ukuze bafeze amaphupho abo,” kuchaza uNks Situ. Ongumqondisi kwaHuman Resources and Employability, eMancosa uLutfiya Adam uthe iMancosa Centre for Women in Leadership (CWIL) bebefisela uNks Situ impumelelo ngesikhathi eseTokyo.






