Unxenxa umphakathi ubambisane nomnyango

0
37
Umphakathi uphume ngobuningi ukumukela amavawusha okuthenga ukudla

USEZWAKALISE ukukhathazeka kwakhe mayelana nokudunwa kwezimoto zoSonhlalakahle okwenzeka emalokishini amaningi akulesifundazwe uNgqongqoshe womnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza.

UKhoza usenxuse amalungu omphakathi ukuthi avikele oSonhlalakahle ngoba basuke bengena emalokishini ngoba bezosiza bona, manje lento yokudunwa kwezimoto abahamba ngazo kukhinyabeza ukusebenza kwabo. Uveze ukuthi umnyango usulahlekelwe izimoto ezimbili kuleli viki eledlule ngoLwesine noLwesihlanu. NgoLwesine olwedlule uSonhlalakhle obethunywe ukuyosebenza eNanda, wadunwa imoto ekhonjwe ngesibhamu ngesikhathi efika emahhovisi omnyango.

Kwesinye isigameko, oSonhlalakahle ababili besiFunda iHarry Gwala badunwa imoto maphakathi neRichmond bebheke eMgungundlovu. UKhoza unxuse umphakathi ubasize bewumnyango ekutheni kuvikelwe oSonhlalakahle, ngoba benza umsebenzi oncomekayo emphakathini, kodwa manje kunzima ukuqhubeka nokusebenza kahle uma bezolokhu bezithola bebhekene nezigameko ezifana nalezi.

“Imiphakathi yethu kufanele idlale indima enkulu ekutheni abasebenzi baka hulumeni abaphazamiseki ekuletheni izidingo emphakathini. Labantu babeka izimpilo zabo engcupheni ukwenza isiqiniseko sokuthi baletha izidingo emphakathini odingayo. Lento yokudunwa kwezimoto zika hulumeni ikhinyabeza imikhankaso kahulumeni yokuletha izidingo emphakathini, ukuze kushintshe izimpilo zabantu,” kuchaza uKhoza. Uphinde wakhuluma kabanzi ngezigameko zokunyuka kodlame lobulili.”Kungaba kuhle sibona abantu bakulesifundazwe benomoya owodwa wokunqanda lo mkhuba wokubhidlanga kodlame lobulili. Sihlezi sigqugquzela abantu besilisa ukuthi kube yibo abanqanda udlame olubhekiswe kubantu besifazane kanye nezingane,” esho.

Uphethe ngokuthi anxenxe umphakathi ukuthi uqhubeke nokulandela imithetho ebekiwe yemigomo yeCovid-19, ukuze kunqandeke ukubhebhetheka kwalesi sifo. Uveze ukuthi bahambela bonke omasipala besifundazwe ukuqinisekisa ukuthi imiphakathi iyaqonda ukuthi leli gciwane linobungozi.

“Ukubheduka kweCovid-19 kwenza abantu abaningi balahlekelwa umsebenzi. Ngakho singumnyango sijutshwe ngumengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa kanye noNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala ukuthi sisabalalise amavawusha okuthenga ukudla emiphakathini, ukuze sibe nesiqiniseko sokuthi akekho umuntu olala elambile.