Ukhuthaze abesizane abangabaholi emabandleni ukuba yisibonelo esihle

0
153
Kukhunjuzwe abaholi besifazane ngeqhaza okumele belibaqmbe ekulweni nezinkinga ezikhungethe abantu besifazane emphakathini

UNDUNANKULU wesifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube, usenxuse abantu besifazane abangabaholi emabandleni ukuba behole ngesibonelo esihle sokubamba iqhaza ezinhlelweni zokuvikela nezokuthuthukisa abantu besifazane KwaZulu-Natal.

Usho kanje ngenkathi ethula inkulumo yakhe emcimbini wokubungaza iNyanga yabantu besiFazane obuseMlazi Cinema ngoLwesine olwedlule. Lo mcimbi ubuhlanganise abaholi bakahulumeni, abaholi bamabandla, kanye nabaholi bomphakathi.

Lo mcimbi uhambisana nezinhlelo zikahulumeni zokunika abesifazane ithuba lokuzikhulumela ngezinto abafisa ukusizakala ngazo, bathole nethuba lokuhlangana neziphathimandla zikahulumeni.

UDube-Ncube uthe kusemqoka ukuba khona kwabaholi besifazane abenza kahle emphakathini ngoba baphenduka isibonelo ezinganeni, wathi labo abenza kabi bangaba nesandla ekungahambini kahle kwezinto emphakathini.

“Kubalulekile ngoba kunabantwana ababukhela kuthina ukuthi sikhuluma kanjani, nokuthi seihamba nghayiphi indlela. Abanye bagcine sebelingisa ukuba ngomama, benze lokho okwenziwa abantu abangomama kubo,” kusho uDube-Ncube.

Uthe inkolo ingenye yezinto ezibalulekile emphakathini ngoba ifundisa indlela enhle yokuziphatha, wangeza ngokuthi okuningi akuhambi kahle ngoba abantu sebeqhelelene noNkulunkulu.

Uthe abaholi bamabandla besifazane kumele beqinise kakhulu emkhulekweni, bekhulekele imndeni yabo kanye nomakhelwane babo. Uthe akukuhle ukuthi bebe baningi abantwana abangenabo abantu abababona njengomama.

“Baningi abantwana abangenabo omama kodwa sikhona singomama. Abadidekile, abaswele izeluleko zikamama ekubeni bekhona omama endaweni. Ngikwazi kahle ukubaluleka komama ngoba ngabe angikho la ngikhona empilweni ngaphandle kwamama.”

Ukhuthaze abesifazane ukuba beqoke izingane ezinhlanu umuntu ngamunye, abazobamba iqhaza ekukhuleni kwazo ukuze zizokhula ngendlela efanele, ziphenduke nabaholi abaqotho bakusasa.

Uthe omama banamandla amangalisayo, wathi uNkulunkulu akenzanga iphutha ngokuwanika bona. Uthe uma beqhubeka nokuhambela kude ezinkungeni ezikhungethe umphakathi bangase bephucwe onke amandla abanawo ngoba abawasebenziseli ukwenza okuhle.

“Ake sikhumbule ukuthi mukhulu umsebenzi esibhekene nawo wokwakha lesi sizwe nokwakha izwe lethu. Asibe ngomama abazoqhamuka namasu okuthi singayinqoba kanjani impi yodlame olubhekiswe komama nabantwana bethu.”

“Ake sibheke ukuthi sizothatha kanjani amandla okulwisana nendlela nokungabibikho kwemisebenzi emphakathini yethu. Akusikho konke ozobongelwa khona kodwa lokho akusho ukuthi kumele ungenzi kahle” kuphetha uDube-Ncube.