
ABAHLALI baseMjondolo bathi baveze ukuthi umholi waseKhenana obulawe ngeledlule uMnuz Lindokuhle Mnguni (28) wayenolwazi lokuthi impilo yakhe izohlwithwa ngaphambi kokuthi ashone ngempelasonto edlule.
UMnuz Mnguni wegatsha laseKhenana laBahlali baseMjondolo (ABM) oshone ngemuva kokudutshulwa ekuseni ngoMgqibelo wempelasonto edlule obekwe endlini yakhe yokugcina ngeSonto lona leli esiphuma kulo, KwaSwayimane izinsolo eziyamaniswa nolwazi lokuthi wayezobulawa zivele ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo sakhe ngoLwesine olwedlule, eKhenana.
Ekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo, uMnuz Thapelo Mohapi uthe, uMnguni ube nentombi yakhe emjondolo wakhe ngesikhathi iqulu labahlaseli ligqekeza ezintatha zangoLwesibili laqhulula imvula yezinhlamvu kubo belele.
“Uhlaselwe abantu ababili ngoMgqibelo ngezithuba zabo-1:30 ekuseni abangene endaweni yomphakathi ngokunqamula uthango. Bagqekeza iwindi emjondolo kaMnguni bamdubula, washona, kanti intombi yakhe yona inamanxeba amathathu ezinhlamvu kwesingezansi,” usho kanje.
UMnguni ungumholi wesithathu waseKhenana ukudutshulwa ngaphakathi komasipala esikhathini esingaphansi kwezinyanga eziyisithupha. ULindokuhle Mnguni “wacebisa izimpilo zethu zonke. ULindokuhle Mnguni ukhethe ukuphilela iSocialism phezu kobungozi, kusho Abahlali baseMjondolo.
IPhini likaSihlalo u-Ayanda Ngila wadutshulwa emini ka-March 8, esehlakalweni lapho uMnguni owasinda kuso ngokulambisa, kwathi umholi wophiko lwabesifazane uNokuthula Mabaso wabulawa ezinyangeni ezimbili kamuva. Isibalo samalungu e-ABM abulewe manje simi ku-24.
UMengameli wakwa-ABM uSibusiso Zikode utshele abemithombo yezindaba ukuthi bonke bayazi ukuthi akekho noyedwa kubo ophephile eKhenana, nokuthi abaholi bebehloswe ngamasu okufaka ukwesaba ezakhamuzini ukuze ziwushiye umhlaba.
“Bengitshela abahlali ukuthi umbuzo esinawo kuphela uthi: ingabe ngingolandelayo? Ngoba asazi ukuthi ubani ozolandela. Kodwa kungcono ukufela iqiniso, into okholelwa kuyo futhi oyithandayo. UMnguni ukubeke kwacaca ukuthi yisocialism noma ukufa, akukho ukuvumelana,” usho kanje.
UZikode uthe bebazi ukuthi uMnguni uzobulawa – njengoba benza kubo bonke abanye ababulawa ngesikhathi eqala ukuthola izinsongo zokubulawa. Uthe iphethini ihlale ifana.
ULandu Tshazi, umngani omkhulu kaMnguni, ukugcizelele ukuthi wonke umuntu, okuhlanganisa naye uMnguni, bazi ukuthi ngokuhamba kwesikhathi “bazomthola”. Uthe uMnguni ubephila ngaphansi kwesimo sokuthi, “socialism or death”.





