SEKUPHELE iminyaka emine ephuma engena ecela usizo emikhakheni ehlukene ukuze akwazi ukufeza iphupho lakhe lokubona abantwana abaphila nokukhubazeka ngokomqondo bethathwa njengabantu abadinga ukuhlonishwa nokunakekelwa ngendlela efana nezinye izinngane.
UNkk QS Ncube okuthe ngo-2017 waseMbo eHillcrest ngaphandle kwasePinetown entshonalanga yeTheku, wathatha isinqumo sokuqoqela ndawonye izingane eziphila nokukhubazeka ngokomqondo, nangesimo sesakhiwo somzimba kangangokuthi ezinye zazo zidinga izihlalo ezinamasondo. Lokhu kuholele ekusungulweni kwenhlangano engenzi nzuko iBorn Again Care Community Centre/Organisation.
Phakathi kwezindawo aseke wacela usizo kuhlanganisa noMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi ezingeni lesifundazwe, kodwa kucwebe isiziba phezu kokuba benza umsebenzi obaluleke ngalendlela. Uficwe yileli phephandaba esakhiweni sebandla iChristian Fellowship eMbo lapho ekhosele ekhona ngenhloso yokufeza leli phupha esebenza nethimba lamavolontiya amahlanu, okungothisha, ama-care giver kanye nomnakekeli wehhovisi.
Zibalelwa ku-33 izingane ezineminyaka yobudala esukela kwemibili kuyaku-30 okungezabafana nezamantombazane. Ngokusho kukaNkk Ncube ukuze athathe lesi sinqumo kube wukubona abantu abathi uma behlangana nalesi zingane basebenzise amagama angamukeleki njengokuthi, “shame”, athe akalazi leligama ukuthi lichaza ukuthini. Abanye abantu babashiyela ama-chips noma izinsalelo zalokho abasuke bekudla njengokuluma i-aphula bese ushiyela lengane.






