
UJABULISE abaningi uMengameli we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnuz Julius Malema, ngokuchaza imigomo yomvalelandlini njengento ‘engenangqondo’, ecindezela amalungelo abantu, wathi sesifikile isikhathi sokuthi yonke into ibuyele kwisimo esejwayelekile.
Usho lokhu ngenkathi ethula inkulumo yakhe embuthanweni wokubonga abalandeli beqembu ngokulivotela okhethweni lwakamumva loHulumeni baseKhaya obusePeople’s Park, eMoses Mabhida, eThekwini, ngempelasonto. UMalema ugxeke uMengameli wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa, wathi usebenzisa le migomo njengendlela yokuzigcina enamandla njengoMengameli. “Le migomo ayisicabangeli, yingakho i-EFF ingayilandeli. Njengoba ngikhuluma nje, uRamaphosa uhlangene namalungu e-ANC angaphezu kuka-2 000 ePeter Mokaba Stadium bagubha usuku lokuzalwa lwe-ANC. Uma osopolitiki bekwazi ukuhlangana ezinkundleni zemidlalo, kungani abalandeli bezemdlalo bengadedelwa bayobuka amaqembu wabo (ezemidlalo).”
Uphinde waphosela inselelo izikhulu zePremier Soccer League (PSL) ukuba zifune izimpendulo kuhulumeni ngokungavulwa kwezinkundla zemidlalo. Uthe kumele bayeke ukuba ‘amagwala’, balwele into efanele esikhundleni sokufuna ukuthandwa. Uthe yonke imigomo isetshenziselwa ukuphuca abantu amandla okuziphilisa. Kokunye obekubhekwe ngamehlo abomvu kuMalema ukuzwa uhlangothi lwakhe mayelana nodaba lokuqashwa kwabokufika ngokungemthetho, kukho athe usamile kwimigomo yeqembu. Uthe inzondo kumele ibhekiswe kubaqashi ngoba abokufika abaziqashanga, abanikazi bamabhizinisi yibo abephula imthetho yakuleli. “Asibathande obhuti nodadebethu abavela kwamanye amazwe ase-Afrika. Kumele siphinde sibafundise ukuthi kungani bebaqasha. Ingoba befuna ukucindezela amalungelo wabo, ingoba abafuni ukubakhokhela imali ebafanele. Lena impi okumele siyilwe ngokuhlanganyela,” kusho uMalema.





