Ubhekwe ngabomvu umbiko ngokucwasa esikoleni samabanga aphezulu

0
107
UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo uNks Mbali Fraser ekhuluma emhlanganweni obusekoleni eHillcrest High ngeledlule

ULINDELWE ngabomvu umbiko okubhekeke ukuthi wethulwe yithimba eliqokwe uNgqongqoshe wezeMfundo kulesi sifundazwe, uNks Mbali Fraser, ophathelene nokucwasa ngokwebala okuthiwa kwenzeka esikoleni samabanga aphezulu, eHillcrest High, entshonalanga yeTheku.

NgoLwesine olwedlule iqeqebana labafundi lenze izethulo emhlanganweni obuphakathi kwezinhlaka ezithintekayo nezikhulu zomnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe kukhona noNgqongqoshe, uNks Frazer. Laba bafundi batshele izikhulu ukuthi bacwaswa ngokwebala njengoba sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba.

Lokhu bekulandela ukuthi abazali babanye abafundi bakulesi kole bezwakalise ukukhathazeka ngezinsolo zokucwasa ngokwebala kulesi sikole nezidale ukuthi kube nokuphazamiseka.

Abanye abazali nabo ababe kulomhlangano babenethemba lokuthi izingane zabo zizobuyela ekilasini maduze.

Omunye wabazali obekulomhlangano obekhuluma ngengane yakhe uthe,”Nayo ike yahlukunyezwa futhi ngendlela loludaba oluphathwe ngayo angizange ngijabule ngalokho. Futhi ngibona sengathi isikole sesimi ngomumo ukuhoxisa umthetho wokuziphatha lapho kuthinteka abafundi abathile, bese sifihla uma abafundi abathile bekhathazekile.

Umzali womfundi ofunda uGrade 11 ukhulume ngokuxhashzwa kwendodakazi yakhe eneminyaka engu-16 ubudala kulesi sikole, wathi sikole sikhombise ukuchema.