Sekumi ngomumo ngezikhungo zokuvota

0
97

SEKUSELE izinsuku ezine kuphela  ukuba kuyiwe ezikhungweni zokuvota njengoba ngoMsombuluko ozayo, Novemba 1, abantu kulindeleke ukuthi ziqambe zivulwa izikhungo zokuvota babe sebeshaye ujenge belindele ukuzovotela labo abacabanga ukuthi bangazifeza izethembiso.

Ukuvota okuvulelekile kulolu khetho lohulumeni basekhaya okuqala ngoMsombuluko kuzobe kulandela ukuvota okuyisipesheli okuqala ngoMgqibelo, Okthoba 30 kuphele ngeSonto, Okthoba 31.

Ukuvota okuyisipesheli kuhlelelwe labo kuphela abafake izicelo abangeke bakwazi ukubamba iqhaza ngoMsombuluko, ngenxa yemisebenzi abayenzayo ethinta nesimo sempilo yabo kanye nogogo nomkhulu.

Phakathi kwabo kubalwa abasebenza njengamaphoyisa, odokotela, abemithombo yezindaba kanye nabahlengikazi.

Njengesakhamuzi saseThekwini esihlala kuma wadi ahlukene asedolobheni nasenyakatho yeTheku ungavota kulezi zikhungo ezilandelayo ngokwahlukana kwama-wadi:

EMaphephetheni

Kusesikoleni eKhamangwa, esikoleni eBongumusa, eNkantolo yesizwe, esikoleni Ophiso, eNkangala, esikoleni eLethukuthula, esikoleni KwaNongqanga, esikoleni eNgcukwini.

Kwezinye zezindawo eNanda:

Esikoleni eSinenhlanhla, eTafuleni, esikoleni eMagqibagqiba, esikoleni eSilwane, esikoleni eNgonweni, ehholo lomphakathi eMatikwe, esikoleni eDabeka, esikoleni eNew River, eMbeko High, eMakhapha Combined, eMvaba High, esikoleni eNdabenhle, eMandosi Combined.

EChesterville:

Enkundleni yezemidlalo kuWiginns, eKuphileni Clinic, eCato Manor, Roma Catholic Church, UMkhumbane Ridge View, Nsimbini Primary, Bonela Secondary.

EThekwini:

eDennis Hurley Centre, e-Institute of Technology kuSmith Street,

KwaMashu:

Esikoleni ePhikiswayo, ehostela, eSulabasha, eDr John Dube High, eNhlakanipho Secondary, eZamokuhle Junior Primary, eKusizaneni Senior Primary,

Khuphukani Junior Primary, Esibayeni, eSiyandamazulu Primary eNewlands East, Tholamandla Senior, Zeph Dhlomo High, SIbonise Junior ukubala ezimbalwa.

ENtuzuma:

Esikoleni eSandasonke, esikoleni eNdabomuhle, eSicelulwazi Primary, UMtapo High eLindelani, esontweni eJesus Calling Ministries

(KwaRasta), eskoleni eDumehlezi, eSiyakhula Creche (KwaMashu), eDalmeny Lower Primary,

Inanda Newtown Managers Office

(Inanda Newtown), Hlanganani Educare Centre, Muziwabantu Junior, Ntuzuma JP School, Sibusisiwe Creche eNanda Glebe, Zuzokuhle Combined,

Sithembile Primary, Bhekisisa High, Halalisa Junior, Igugulabasha. High, Phelelani Senior, Sondelani Primary, Akhanani Day Care, Mbasela Primaery eMachobeni.

ENanda:

Inanda Day Care, Vusukukhanya School, Little World Day Care Centre, Besterís Old Clinic, Besterís Camp Community Hall,

Ekuthuleni Pre School, Amaoti Community Hall, Nhlungwane Community Hall, Imbaliyezulu Primary, iNanda

Newtown Comprehensive  Secondary, Bhambayi Development Centre, Muzomusha Community Hall, Shembe Memorial School kanye nezinye izindawo.