Zibakhalele besahlahlela besacwiya izimoto “esidlekeni” KwaNgcolosi

0
152
Izicucu zekhumbi okuthiwa ibidunwe eThekwini, eBerea

BABANJWE oqotsheni abasolwa abathathu besahlusula ikhumbi kukhona nezinye izimoto abesezihlusuliwe, KwaNgcolosi entshonalanga yeTheku ngeSonto.

Ukuboshwa kwabasolwa kulandela isehlakalo sokudunwa komshayeli wetekisi yohlobo lweQuantum, okwenzeke eBerea, eThekwini, ngoLwesihlanu olwedlule ngezithuba zabo, 12.40 emini. Kuthiwa amadoda amathathu abehlome ngezibhamu ayegqoke izigqoko ezimboza ubuso zithelekele umshayeli wetekisi obengaphakathi kuyo ipakile emgwaqeni uLancers, eBerea, eThekwini. Ngokusho kombiko wamaphoyisa, lamadoda amtshele ukuthi asuke esihlalweni somshayeli aye ngemuva futhi waphoqeleka ukuba alale. Bahambe naye kanti kuthiwa afike amshiya ngaseWyebank, entshonalanga yeTheku. “Udaba lubikwe emaphoyiseni aKwaDabeka kwavulwa icala lokuduna imoto ukuze kuphenywe. NgeSonto mhlaka kuOkthoba, 2021, ngo- 2 ntambama  ithimba leProvincial Vehicle Task Team lilandele imininingwane yamadoda amathathu abonakale ehlathini nemoto emhlophe yohlobo lweToyota Quantum, eyayihambisana nencazelo yemoto eyadunwa eBerea,”kusho umbiko wamaphoyisa.

Amaphoyisa kuthiwa adlulele emgwaqeni uWushwini, Kwangcolosi abamba abasolwa abathathu, ababanjwe oqotsheni bekhumula iToyota Quantum. Baboshwe endaweni yesigameko bavalelwa esiteshini samaphoyisa eHillcrest. Amaphoyisa aphinde ashaqa neveni yohlobo lweFord emhlophe nezingxenye zemoto namapuleti okubhalisa. Imoto ithathwe yayiswa ephawundini ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-19 no-32 ubudala kulindeleke ukuthi babuye baphenywe ukuthi azikho yini ezinye izehlakalo abathinteka kuzo ezihlobene nobugebengu obenziwa esifundazweni. Bazovela enkantolo maduze ngecala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe kanye nokuntshontsha izimoto. Kwesinye isehlakalo esingahlobene nalesi abasolwa ababili abaneminyaka engu-25 no-36 ubudala silobe kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasePort Shepstone ngamacala okugebenga amabhizinisi nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba amaphoyisa asePaddock eqale umkhankaso wobunhloli KwaMachi endaweni yaseZinqoleni okuholele ekutheni kuboshwe amadoda amabili atholwe nezibhamu nezinhlamvu. Amaphoyisa athole izibhamu ezintathu nezinhlamvu ezingu-261 okusolakala ukuthi zebiwa ngesikhathi kubanjwa inkunzi ngomhlaka, 4 Okthoba 2021 epulazini elisePaddock.