
KUQALE emavikini adlule ukugoma amaphoyisa ombutho weSouth African Police Service (SAPS). Lokhu kulandela ukumiswa kokugoma okwenzeke muva nje.
Isiteshi samaphoyisa saKwaMashu siyingxenye yezikhungo ezingu-108 okugoma kuzo amaphoyisa iNingizimu Afrika yonke. Uhlelo luqhutshwa ngezigaba ezehlukene. Konke okwenziwa iziteshi ezincane kulawulwa iziteshi ezinkulu, zona ezilandela imigomo yesifundazwe. Nakuba luhlelelwe wonke amaphoyisa kodwa kukhona angeke evunyelwe ukugoma, kuwo okubalwa abake bahaqwa iCovid-19 ezinsukwini ezingu-30 ezedlule nabake bagomela umkhuhlane ezinsukwini ezingu-14 ezedlule. Lena indlela yokubavikela, hhayi ngoba kungukubacwasa. Amaphoyisa aseke agoma ngaphansi kwezinye izigaba zokugoma nawo ngeke esagoma ohlelweni lwamaphoyisa. Lokhu kuvezwe uNks Athlenda Mathe okhulumela amaphoyisa kazwelonke, ogcizelele ukuthi ukugoma akusho ukuthi amaphoyisa sekumele angayilandeli imigomo yokuzivikela.
“Umbutho uzoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi yonke imigomo iyalandelwa nokuthi zikhona izinsiza zokuvikela. Ukugoma kuzoqhubeka kuze kube isonto lokuqala lika-Agasti,” kusho uMathe oveze ukuthi amaphoyisa amaningi ayalilangazelela ithuba lokugomela lo mkhuhlane. IPolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) isikhuthaze bonke abangena kulolu hlelo ukuba bephume ngobuningi babo ukuyogoma. UMnuz Richard Mamabolo okhulumela le nyunyana, uthe bakholwa ukuthi luzohamba kahle uhlelo lokugoma abasembuthweni abangu-180 000.”Uyaziwa umonakalo odalwe iCovid-19. Bangaphezu kuka-30 000 abahaqwe iyona, ngebhadi sebeqile ku-680 abadlule emhlabeni ngenxa yayo. Nakuba isimo sisibi kodwa amaphoyisa ayaqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi imigomo iyalandelwa. Siyajabula ukuthi asezogoma,” kusho uMamabolo.
Kuyaqhubeka nokugoma kweziboshwa. Okwamanje zisengaphezudlwana kuka-500 esezigomile. UMnyango wezobuLungiswa nokuHlumeleliswa kweziMilo uveze ukuthi uhlelo lusaqhubeka kahle kuzo zonke izikhungo. UMnuz Sechaba Mphahlele okhulumela umnyango, uthe ezinye zizogoma ngokuhamba kwesikhathi. “Sekugome ngaphezu kuka-70% wabasebenzi bezempilo basemajele. Bangaphezudlwana kuka-90 ojele asebegomile. Kugonywa ezikhungweni ezingu-90, kuhlelwe ukuthi kugome iziboshwa ezingu-138 828,” kusho uMphahlele othe basiqaphe ngeso lokhozi isimo emajele. Uveze ukuthi sekuphinde kwamiswa ukuvakasha emajele njengoba zike zenyuka mawala izibalo zabahaqwe igciwane. Sekubikwe abalinganiselwa ku-12 300 abahaqwe igciwane, ojele abacela ku-11 800 (kwashona abangu-182) kanye neziboshwa ezingaphezu kuka-4 500 (kwashona ezingu-78).






