KUBUKEKA ziya ngokwanda izifundiswa ezingenwa abantu abadala kodwa ezingazenyezi ngalokho, ukuze zikwazi ukuqhubeka nempilo yize besebenza ngaphansi kweminyango kahulumeni emazingeni ahlukene.
UThandokuhle Nzama odume ngelikaNyanga yeZizwe kanye noSibonelo Khuzwayo odume ngelikaGobela kaDlulu’jeqeze abafundisa esikoleni eSobonakhona eMbumbulu ogwini oluseningizimu yeTheku nabo babalwa nothisha abangenwe yidlozi. Baficwe ngesikhathi besesigodlweni eBhekokwakhe, eFolweni, ngaphansi kukaDkt. Makhosi Badumile Mkhize. Ngokusho kwabo njengoba bekulesi sigodlo inhloso ukuzoncela olunye ulwazi abangenalo ukuze umsebenzi wabo uqhubekele phambili. Bathi abakuthokozela kakhulu ukuthi selokhu bafika izinto zibukeka zikhanya kakhulu kunakuqala, futhi banethemba lokuthi neziguli ezizotheleka ezigodlweni zabo zizophuma zilaphekile ezifweni ezizobe zibhekene nazo.
Bathe bakuthokozele kakhulu ukuba kwamakhosi uMkhize ngoba abakuthola lapha kubenza izinto bazibheke ngamanye amehlo uma beqhathanisa nolwazi abanalo. “Sikujabulela kakhulu ukuthola uGogo Mkhize ngoba akukho nokuncane asincisha kona mayelana nolwazi lwalomsebenzi,” basho kanje.






