Baqeda indlala ngezolimo

0
66
Ibona ikusasa liqhakazile intsha eyingxenye yomfelandawonye wezolimo waseMzinyathi, i-Ilangabo Elingacimi

UMASIPALA weTheku usuveze ukuthi sekusetshenziswe imali elinganiselwa ku-R96.1 million wokuxhasa osomabhizinisi abancane emkhakheni wezolimo, kwakhiqizeka amathuba emisebenzi angu-1 400 kusukela ngo-2018 ngohlelo i-Agri SMMEs Programme.

Kulolu hlelo umasipala uxhase ngemali elinganiselwa ku-R39.1 million. Imali isetshenziselwe ukuxhasa abalimi kanye nabanikazi bamapulazi ezinkukhu, iziklabhu kanye nezingulube. Kuhlomule imifelandawonye emine, kwabiyelelwa abalimi abangu-40, kwaphinde kwalinywa umhlaba ongama-hectares angu-2 100 ngogandaganda bakamasipala.

Umasipala uphinde wahlinzeka abalimi ngezindawo zokulima, kwaqhutshwa nohlelo lokuhlomisa bonke abafisa ukungena kulo mkhakha ngolwazi olubalulekile. Konke lokhu kuvele ngenkathi iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, ekade eyohlola isimo sokusebenza somfelandawonye i-Ilangabi Elingacishi, eMzinyathi muva nje.

USihlalo walo mfelandawonye uMnuz Philani Magwazwa, uthe bayakujabulela ukuvakashelwa imeya ngoba kutshengisa ukuthi kukhona abakwenza kahle. Uthe sebeqalile ukubona ushintsho nasezimpilweni zabo kusukela kusungulwa lo mfelandawonye onamalungu amahlanu, ngonyaka owedlule. Uthe sebenze imali engaphezu kuka-R120 000.

“Sikhiqizele thina kanye nezakhamuzi ezinhlanu amathuba emisebenzi. Siphinde sibe nemisebenzi yesikhashana etholwa amalungu omphakathi. Sinohlelo lokuhlomisa nentsha ngolwazi namakhono ezolimo. Sesinenkontileka yokuthengisela iSpar esesiteshini KwaMashu, imikhiqizo yethu,” kusho uMagwaza.

Ngaphambi kokuhambela lo mfelandawonye, uKaunda uhambele eCato Ridge Poultry Farm eseHammarsdale. Le nkampani yasungulwa ababephelelwe imisebenzi ngenkathi iRainbow Chicken idiliza abasebenzi. Iphethwe umfelandawonye i-Isukile Agricultural Cooperative eyaqala ukusebenza ngoDisemba ngonyaka owedlule. UKaunda uthe umasipala weseka zonke izinhlelo ezihlose ukunciphisa ububha ngokukhiqiza imisebenzi. Uthe bahlose ukushintsha iCato Ridge ibe isizinda sabalimi, kukhiqizeke nemisebenzi engu-103. Uveze ukuthi umasipala ususebenzise imali elinganiselwa ku-R17.7 million kule mifelandawonye yomibili.

“Izinhlelo zethu zibheke ukuthi kuhlomule amabhizinisi afuye izimbuzi angu-48. Imisebenzi ezokwenziwa izoqala ngoMeyi iphothulwe ngoJulayi. Kuzoqale kusebenze izinkampani ezingu-4 ezizokhiqiza izimbuzi ezingu-1 000 ngayinye. Lokhu kuzokhiqiza imisebenzi elinganiselwa kwengu-16,” kusho uKaunda. UNks Nonhle Mdunge we-Isukile Cooperative, uthe bakholwa ukuthi inkampani yabo isenza kahle njengoba ikwaze ukukhiqiza izinkukhu ezingu-7 500 ngenyanga yokuqala. “Sithengisela osomabhizinisi abancane basendaweni kuze kuyofika eMgungundlovu. Siphinde sithengisele namalungu omphakathi,” kusho uMdunge.