Kwakhiwa isizwe ngomuntu wesifazane

0
82
Kuzobe kukhetha ukhethi ngoDisemba kumafayineli kaMiss Sakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane. Uzime kulindeleke ukuthi aphume kulezi zintokazi

BASALE bekhexe imilomo abazali bezingane ezingenele umqhudelwano kaMiss Junior and Teen Sakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane 2021 abebeyozibonela ngokwabo ngokwenziwa yizingane zabo ezingenele lomqhudelwano wokuvukuza amathalente.

Kuse ngokunye kubazali abebebheke ukuthi bazobona izingane zabo zimodela ngalolusuku emcimbini obusehholo laseSaints Hospitality Centre, emgwaqeni uRippon eSydenham, eThekwini, ngoLwesithathu olwedlule lokubungaza usuku lwentsha. Kulomcimbi okungunyaka wesibili wenziwa umsunguli nomhleli wawo, uDkt. Nomusa Mama Siphithiphithi Madlala, ngaphansi kwenhlangano iSakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane (SINW) ukubeke kwacaca ukuthi lokhu abakwenzayo kuwukunikeza isithombe abazali ukuthi izingane zabo kuningi ezikuphethe futhi ezizokhula ziyikho ziziqhenye ngakho. “Ingane yakho ingane yami, lomqhudelwano asibhekile ukuthi kufanele kuphume unobuhle, kodwa okubalulekile yindlela yokukhulisa ingane. Wazi ukuthi ingane yakhe inaliphi ithalente,”kusho uDkt. Madlala wabonga nabazali abakhombisile ukubambisana nabo ngalesi sikhathi kusahlelwa lomqhudelwano okusalindeleke ukuthi amafayineli wawo abengoDisemba.

Ngaphambi kokuba umqhudelwano wokukhombisa amakhono nokuzimisela kwabantwana nokulindeleke ukuthi bakwenze esigabeni esilandelayo kuqale ngokuthi kube nohlelo lwemibuzo lapho amajaji abebabuza ngezinto ezithile ezithinta bona nokwenza ukuthi bangenele lomqhudelwano kaSakha Isizwe Ngomuntu Wesifazane okuyinhlangano egabe ngesiqubulo esithi: “Ayiyintsha Lento, Kuyosala Kwezeka”. UDkt. Madlala uchazele abazali kabanzi ngenjongo yalomqhudelwano oqhamuke ngemuva kokusungula uhlelo olubizwa ngokuthi yiDr N Madlala Girl Child Empowerment. “Lapho sithuthukisa kakhulu abantwana bethu,”kusho uMama Siphithiphithi. Okuhlabe kakhulu umxhwele abazali kube yingalesi sikhathi semibuzo izingane zibuzwa phambi kwabo ukuthi yikuphi ezikufisayo empumelelweni yazo nokuthi zona zingobani nje njengoba zingenela lomqhudelwano. Ezinye zezimpendulo bezibashiya abazali bedidekile ngendlela ebeziphendula ngayo ukukhombisa ngempela ukuthi ikusasa lezwe lilele ezandleni zabo.

UDkt. Madlala ugcizelele kakhulu ukuthi njengoba kunalomcimbi akuziwe ukuzoqokwa ukuthi ngobani abaphumelele kodwa basazokhombisa ukuthi bayafunda futhi luselude ukhalo abasazoluhamba. “Ngiyaziqhenya ngalabantwana abancane bamantombazane, bancane kodwa uNkulunkulu ubaphile ubuhlakani. Into namhlanje esiyibuka kakhulu kubantwana ukuzethemba,”kusho uDkt. Madlala. Okubuye kwavela nokuthokozise abazali ukuthi uma umntwana ewina lapha, uzodlulela emqhudelwaneni kaMiss Junior South Africa. Akazoqala nje angenele uhlelo lokuhlungwa njengabanye, kodwa uzofike nje angene, ngoba bakhona ababheka konke okwenzeka kulomqhudelwano kaMiss SINW. Kwethulwe noNosizwe Ncwane ohlabane ngonyaka odlule osengenele uMiss Junior South Africa ukukhombisa ukuthi ngempela lokho okwenziwayo akuwona umdlalo. Kulonyaka kulindeleke ukuthi amajaji ahlanganise zonke izinhlanga, okuyiNdiya, uMuntu oMnyama, iKhaladi  kanye noMlungu. Ngonyaka odlule belingekho ijaji lomlungu.