KULINDELEKE ukuthi luqale kuleli sonto uhlelo lokugoma othisha ngemuva kokuphazamiseka kwalo emasontweni amabili edlule, uMnyango wezeMpilo kazwelonke uthembisa ukuthi akusekho okungaphazamisa osekuhleliwe ngoba uzilindele zonke izinkinga ezingase zibe khona.
Lokhu kulandela ukufika kwezijumbana zemigomo yohlobo lweJohnson and Johnson ngesonto eledlule. Lolu hlobo lo mgomo belumiswe ngenxa yezinkinga ezimbili, okwaba izikhalo mayelana nomthelela wawo kubantu kanye nokuthi izijumbana ezazikuleli zase zisondele ekuphelelweni isikhathi. Lokhu kuholele ekutheni imigomo engu-2 million igcine ingasetshenziswanga. Ongumeluleki womnyango uDkt Aquina Thulare, uthe lolu hlobo lo mgomo selugunyaziwe ukuba lusetshenziswe kuleli. UThulare usho kanje ngenkathi ephendula imibuzo yeKomidi lezeMpilo ePhalamende.
Uthe seziqokiwe izikhungo okuzogomela kuzo othisha, futhi zonke izinhlaka ezithintekayo sezazisiwe ngendlela okuzoqhubeka ngayo uhlelo lokugoba othisha nezinye izinhlaka ezibalulekile ezikoleni, kuzo okubalwa abasizi bothisha, onogada, abalungisa nabahlanza amagceke esikole kanye nabamaSGB. “Imigomo ikhishwe ngomhlaka 21 Juni, yaqala ukusatshalaliswa ngomhlaka 22 Juni. Ukugoma kuqale ngesikhathi imigomo efike ngayo ezikhungweni zokugoma. Imigomo esetshenziswayo bekusasele amasonto amane ngaphambi kokuthi iphelelwe isikhathi,” kusho uThulare. UNks Nomarashiya Caluza onguNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uthe bayakuthokozela ukuthi sekuzoqala ukugoma kothisha yize bese kwedlulelwe isikhathi. Uthe uMnyango wezeMfundo wesifundazwe kumele ukhuthaze othisha ukuba begome ukuze izinto zizosheshe zibuyele kwisimo esejwayelekile ezikoleni.
UNks Cynthia Barnes onguNobhala-Jikelele weNatu, uthe uMnyango wezeMfundo wesifundazwe kumele usheshe uqhamuke nohlelo lokugoma othisha, baziswe nokuthi kuzosetshenziswa ziphi izikhungo kwisifunda ngasinye. “Siyakwamukela ukugoma kothisha ngoba kuzosiza umphakathi wonke. Othisha bazovikeleka, bangabe besaledlulisela kubafundi igciwane obekungenza ukuthi kugcine kutheleleka nabazali babo. Lokhu kuhle kakhulu njengoba abafundi basemazingeni aphansi sebezobuyela bonke ezikoleni,” kusho uBarnes. UMnuz Basil Manuel onguMqondisi weNaptosa, uthe imigomo engu-300 000 eyabelwe abasebenza ezikoleni ayanele, bafisa ukuthi kwenyuswe isibalo sayo. Uthe bafisa ukuthi kungabibikho okuphazamisa uhlelo lokugoma othisha.






