ZIZOBE zibulalana enkundleni yezemidlalo iKing Zwelithini eMlazi ngeSonto, Agasti 28, emidlalweni enhlobonhlobo okuhloswe ngayo ukugqugquzela nokukhuthaza ukuvikelwa kwebesimame nezingane ngaphansi kwesiqubulo esithi, “Let’s Celebrate Women & Children-Empowering Women & Children-Asibavikele”.
Lendumezulu yezemidlalo okuzobe kududulana amaqembu aseThekwini namaphethelo ehlelwe yiBring Back Life Foundation (BBLF ezobe ihlanganisa unyaka wethupha yenziwa ngenkulu impumelelo kulindeleke ukuthi iqale ngo-7 ekuseni iphele ngo-5 ntambama.
Kulonyaka lemidlalo ithole isibusiso sokuthi ivakashelwe uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kulesi sifundazwe, uNkk Nonhlanhla Khoza futhi umnyango wakhe ungabaxhasi. Abanye abaxhasi uMnyango obhekele ezeMidlalo kulesi sifundazwe, njemanje osuphethwe uNks Amanda Bani-Mapena, kube uMasipala weTheku kanye neXolanza Music ukubala abambalwa.
Ngokusho kukaSanele Shangase uSihlalo wale nhlangano engenzi nzuzo eqhuba umkhankaso wokubuyisa isithunzi nobuntu emiphakathini, phakathi kwemidlalo elindelekile kubalwa ama -Aerobics, ibhola lomnqakiswano, ibhola lezinyawo u/13, 21 nama-Legends, ibhola lezinyawo logogo, I-Chess, ikarati kanye neBasket ball. Lemidlalo izodlalwa ngaphansi kwemibandela yemikhumulajezi. Kubaculi abazobe benandisa kulindeleke abaculi bendawo, uSkhulu, uPopzile, uDj Lwande nabanye.
“Inhloso enkulu ukuzama ukuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nokubualwa kwabo kanye nezingane. Leli gxathu silithathe ngoba siyakuqonda kamhlophe ukuthi kusekuningi okusadingekayo ngezinhlelo zokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Yingakho nje sihlele lemidlalo sithi singamadoda asibavikele abesifazane nezingane”, kusho uSanele othe iqembu ngalinye kulawa e-Netaball livumeleke ukuletha abadlali abawu 10.Kunama Coaching Clinics e Basketball nawe Cricket azobe ekhona.
Imidlalo ihlelwe kanje:
Legends:
Sanele Legends FC, Dr Pixley Isaka Ka Iseme FC, Ntuzuma FC, Ukhozi FM
Under 21:
Trouble Tigers FC, Jimbo Gents FC, Trouble Tigers, Giant Killers FC, Benfica FC, Umlazi Young Lion, Nsimbini FC, Knockers FC yaKwa Mashu.
Under 13:
Game Changer FC, Mnisi Boys, City Pillars, FC Focus, Premier FC, 345 FC
Ku-Netball:
Maphumulo Netball Ladies, KwaMgaga, Black Panthers, Dolphins, Zamokuhle, L.A Flames, Royal Ladies, Divas.






