Kuxazululwe inkinga yamaqekolo kubafundi

AKEKHO umfundi waseBhekikusasa High, osezophutha ukuya esikoleni ngenxa yokuswela amaqabelo, iCentre for Women in Leadership yaseMANCOSA isiveze ukuthi izibophezele ekunikeleleni abafundi bamantombazane bakulesi sikole ngabakudingayo.

0
95
UNks Jabulile Diko onguMqondisi eMANCOSA uchazele abafundi baseBhekikusasa High ngendlela yokusebenzisa amaqabelo asebenza ngokuphindelela, phecelezi reusable

AKEKHO umfundi waseBhekikusasa High, osezophutha ukuya esikoleni ngenxa yokuswela amaqabelo, iCentre for Women in Leadership yaseMANCOSA isiveze ukuthi izibophezele ekunikeleleni abafundi bamantombazane bakulesi sikole ngabakudingayo.

Lokhu kuvele ngenkathi ikade ibavakashele, yabanikelela ngamaqabelo asebenza ngokuphindelela, phecelezi reusable. Abafundi baphinde bathola nethuba lokufunda ngemikhakha yemsebenzi, bathola nezeluleko zempilo. Le nhlangano eyasungulwa ngo-2015, ithi ihlose ukufukula abesimame babe sezikhundleni ezibafanele.

Nakuba uhulumeni wathatha isinqumo sokwehlisa intela yamaqabelo ngo-15% ngo-2019 ngenhloso yokuthi kube lula ukuwathenga kwabesimame abaphuma emakhaya ahlwempu, kodwa basebaningi abafundi abaphutha esikoleni ngenxa yokuweswela. Le nhlangano ithi ngalolu hlelo lwayo ihlose ukuvala lelo gebe.

USolwazi Magnate Ntombela onguthishanhloko waseMANCOSA, uveze ukuthi banikele ngamaqabelo angu-300. Uthe bayaziqhenya ngabakwenzile ngoba kubuyise ukuzethemba kubafundi, wengenza ngokuthi kuzoqeda usizi kwabaningi abebengenawo amandla okuzithengela.

UNks Jabulile Diko onguMqondisi eMANCOSA, uthe inkinga yokuphutha esikoleni ngenxa yokuba sesikhathini isekhona kodwa uthola ithuba lokwazi kabanzi ngezimo abafundi bamantombazane ababhekana nazo uma uchitha isikhathi nabo. Uthe abafundi abaningi abavamile ukukhuluma ngayo ngenxa yokuba namahloni.

“Injongo yethu ukuthi sinikelele abafundi baseBhekikusasa High ngamaqabelo anele ukuze bezoqhubeka nokuya esikoleni, kungabibikho okubaphazamisa kwizivivinyo zabo zokuphela konyaka. Sizama ukulwa nazo zonke izinkinga ezikhungatha abesimame bakuleli nsuku zonke,” kusho uDiko. Iphini likathishanhloko waseBhekikusasa High uMnuz Themba Dlamini, ubonge umnikelo wathi amaqabelo azoba usizo kubafundi njengoba phambilini ebethengwa othisha. “Othisha benza lokhu ngoba abafundi abaningi bebephutha umsebenzi obalulekile wesikole, abanye bengezi nokuza esikoleni,” kusho uDlamini.