
INHLANGANO engenzi nzuzo, iBring Back Life Foundation (BBLF), ihlele umkhuleko ozolandelwa yindumezulu yezemidlalo, eMlazi, okuhloswe ngayo ukwelekelela ezinhlelweni zokuqwashisa ngezingozi ezijwayele ukwenzeka uma sekusondele amaholidi okuphela konyaka.
Ngaphandle kwezingozi zemigwaqo, lomkhuleko kanye nemidlalo kuhloswe ngayo futhi ukwelekelela ezinhlelweni zokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kanye nokubulawa kwezingane nabantu besifazane nokungumkhankaso owaziwa nge-16 Days of Activism Against Women and Child Abuse okulindeleke ukuthi uqale ngoLwesine oluzayo, Novemba 25 nozophela ngoLwesihlanu lukaDisemba 10.
Ngokusho kukaSihlalo weBBLF, UMnuz Sanele Shangase, njengoba bejwayele ukuthi babe nezinhlelo lapho besuke bezama khona ukuthi baqwashise emphakathini ngezimo ezenzakalayo usuku nosuku, bahlele ukuthi babe nendlela abavala ngayo unyaka, ka-2021 okuwunyaka nawo athe awubaphathanga kahle ezinhlelweni zabo, okuwunyaka lapho isizwe silahlekelwe abantu abaningi noma umhlaba uwonkana ngesimo seCovid-19.
“Ngaphansi kwezinhlelo esijwayele ukuzihlela uma kuvalwa unyaka esisuke sizihlanganisa nezinsuku zokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, sihlele ukuthi asibe nomkhuleko nje ngoba siyakholwa ukuthi uMdali wethu uyena kuphela ongakwazi ukuphendula isimo ngokwamandla anawo esibhekana nawo ngokwezimo esibhekana nazo ezwenikazi,”kusho uMnuz Shangase.
“Sihlele ukuthi asibe nomkhuleko esiwubiza ngokuthi, “Asiphephe Prayer “ kepha siwuhlukanisa izigaba ezimbili. I-Asiphele Sports Day and Prayer lapho sithe ake siqale ngokuthi siyoguqa ngedolo sike sikhulekele zonke lezi zimo esihlale sizithola. Njengoba siya emaholidini okuphela konyaka izibalo zikhomba ukuthi ziningi izigameko ezenzakalayo ngesikhathi samaholidi kungaba yizingozi zemigwaqo, ukubulawa kwabantu besifazane, ukubulalana nje kwabantu bebodwana,”kuqhuba uMnuz Shangase. “Sithe ake sisukume kubekhona esikwenzayo nokulwisana nalesi sihlava kodwa siqale ngomkhuleko nje. Sihlela umkhuleko esibheke ukuthi ube seKing Zwelithi Stadium, eMlazi, ngomhlaka 2 Disemba okuwusuku esiluqondanise nolomkhuleko womama, okunguLwesine. Sithe akube umkhuleko ngaphambi kokuba kube nemidlalo, esizoyenza ngomhlaka 5 Disemba okuzobe kuyiSonto,”uqhubeke kanje.
Uqhube wathi, babone ukuthi kubalulekile ukuthi baqale bakhulumisane noMdali wethu, babe nenkonzo nje lapho beyokhulekela lesi sihlava esibhekana naso. Kulomkhuleko uthe, balindele abantu abangeqile ku-250 ngokwesibalo, wathi
“kepha ngenxa yokuthi siyazi ukuthi sisesigabeni sokuqala, sizohlala siqaphile ukubheka sibone ukuthi izibalo zeCovid-19 azikhuphuki yini, kepha uma sibona ukuthi izwe lisahleli kulesi sigaba sokuqala sizosenyusa isibalo kulesi sika-250 kodwa akukho esizimisele ukuthi siphule imigomo esisuke sibekelwe yona”.
“Maningi amabandla esisazothumela kuwona izimema siwanxusa ukuba azohlanganyela nathi ngokuba siyakholelwa ekutheni ngawo umkhuleko uwodwa uyabahlanganisa abantu. Sihlele ukuthi akube namabandla ahlukahlukene esizobe sidumisa kanye nawo noga sizobe sikhulekela lesi sihlava lesi, kanye nabazobe bethamele kubalwa nalabo abazobe bedlala ngomhlakaDisemba 5. Mayelana nezinhlelo zonke bekungakaphothulwa kodwa ngokohlelo lomkhuleko kulindeleke ukuthi kuqalwe ngo 10 ekuseni.
Okwamanje sisazama ukucela nakubaxhasi, osomabhizinisi ukuba belule isandla ukuze lomkhuleko uhambe kahle ngokunjalo nangosuku lwendumezulu yezemidlalo.
Ofisa ukuxhumana nathi angashayela ku-0732988739 noma basibhalele kwaBringbacklife_foundation2017@gmail.com,”kuphetha uMnuz Shangase.






