
SILOBE lusaqhubeka uphenyo lwezidakamizwa zesizumbulu sikaR200m ezibiwe emahhovisi ogwini oluseningizimu yesifundazwe ePort Shepstone ngesonto eledlule okutholakala ukuthi ziyingxenye yezidakamizwa ezazibanjwe ngoJuni kulonyaka.
Izidakamizwa zohlobo lwe-cocaine ezingabiza u-R200m ezebiwe ebhilidini lamahhovisi oKlebe ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, ngempelasonto, kuthiwa ziyingxenye yezishaqwe ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso ngoJuni.
Imithombo yezindaba ngeledlule ibike ukuthi kwebiwa i-cocaine engu-541kg emahhovisi eDirectorate for Priority Crime Prevention (DPCI) ngeSonto. UBrig Nomthandazo Mbambo we-DPCI ukuqinisekisile ukuthi izidakamizwa ezebiwe zabanjwa ngesikhathi kunomkhankaso wobuNhloli edepho yamakhonteyina eSiphingo, eningizimu yeTheku, ngoJuni 22.
NgoJuni 22 kuthiwa amalungu ethimba loKlebe eliphenya ngobugebengu obuhleliwe, ehlangene namalungu eDurban Harbour neCrime Intelligence Border Security, atheleka ekhonteyineni eyasemgwaqeni u-Avenue, eSiphingo okusolwa ukuthi ibigcine ukudla kwezilwane. Kulekhonteyina kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa etheleka afika kukhona izikhwama ezingu-26 zikaseyili ezibhalwe ukuthi “TikTok” kanye “neJaguar” ezitholwe nezitini ze-cocaine, zathathwa. Ngaleso sikhathi oKlebe badalula ukuthi izitini zinesisindo esingu-541kg, nenani elilinganiselwa ku-R243m.
Lesi sigameko senzeke ezinyangeni ezintathu ngemuva kokutholakala kwezidakamizwa ezachazwa njengezinkulu kakhulu eNingizimu Afrika.
NgoLwesibili olwedlule uMbambo uthe baphenya icala lokugqekezwa kwebhizinisi ngemuva kokugqekezwa kwamahhovisi oKlebe obuHleliwe, ePort Shepstone.
UMbambo uthe abenzi bobubi bangene ngokuvula amawindi ngenkani phakathi kukaLwesihlanu, ngo-4 ntambama no-7 ekuseni ngoMsombuluko.
“Esinye sezisefo esisehhovisi ebesisetshenziswa ukugcina imibukiso, sike saphazanyiswa. Abasolwa bantshontshe i-cocaine engu-541kg base begqekeza ihhovisi obekugcinwa kulo izisefo,”kusho yena.
Inhloko ye-DPCI, uLt General Godfrey Lebeya, useqoke isekela lakhe, uLt General Tebello Constance Mosikili, ukuthi enze uphenyo mayelana nezigameko zokweba kanti amaphoyisa asetshenziselwe uphenyo. UMbambo uthe bekungakaboshwa muntu.






