Kusungulwa umkhankaso omusha ngabesifazane abahlukumezekile

0
133
IPeople Opposing Women Abuse (POWA) ikhanyise amakhandlela ngenkathi ikhumbula abesimame asebadlula emhlabeni ngenxa yokuhlukunyezwa

UMKHANKASO wokulwisana nesihlava sodlame olubhekiswe kubantu besifazane obuqhutshwa iPeople Opposing Women Abuse (POWA) ngokubambisana nabakwaJOKO, uhlose ukunika abesimame abake baba izisulu zalokhu ithuba lokuzikhulumela ngababona ukuthi kungaba usizo ekulweni nakho.

Lo m khankaso oqanjwe ngokuthi iHealing Days eqhutshwa ngaphansi kwesiqubulo i#EndDomesticSilence, uphinde ukhuthaze abesimame abahlukunyezwayo ukuba bephumele obala ukuze bezotholwa usizo. Bakhuthazwa ukuba bexhumane nezinhlangano zomphakathi ezidondelene nabo ukube bezohlomula ezinhlelweni ezikhona.  UNks Kate Mocheki oyiNhloko yeziNhlelo kwiPOWA, uthe lo mkhankaso unika abesimame ithuba lokubhoboka ngobunzima abake bahlangabezana nabo, nathi ukholwa ukuthi ukukhuluma ngabo kuyawapholisa amanxeba. Uthe kusemqoka ukuba bethole indawo ephephile abazokhuluma ngokukhululeka kuyo. “Kubasiza kakhulu ukwazi ukuthi baningi kangakanani abantu ababasekayo, futhi baphinde bethole nethuba lokulekelelana bebodwa. Yingakho sikubone kusemqoka ukuthi senze into efana na le ukuze noma sesiwuphothulile umkhankaso wethu, babe nesisekelo abazoqhubekela phezu kwaso,” kusho uMocheki.

UNks Litlhare Semoli owake waba isisulu, uchaze okwamehlekela njengokubulawa ephila. Wakhulelwa emva kokudlwengulwa, waphinde washada naye umuntu amdlwengula ngenxa yokwesabela ukuthola umntwana engaganile. Uthe uyakujabulela ukuthi useze walithola ithuba lokukhuluma ngokwamehlekela. “Wayesekujwayele ukungishaya. Ngelinya ilanga wangishaya kanzima ngagcine ngibeletha singakafiki iskhathi. Wayengayondli ngisho ingane yethu. Umyalezo wami kwabesimame ukuthi kumele bezinakekele, bengathembeli kubantu besilisa,” kusho uSemoli oseqale ukubhala incwadi ngomshophi owamehlela. Uthe ithuba alithole kulo mkhankaso limenze wabona ukuthi baningi abantu besifazane ababhekene nobunzima, nabahlukunyezwa amadoda abathandana nawo. Ukhuthaze abesimame ukuba bebambane, bevikele abantu besifazane abadinga indawo yokucashela amadoda abahlukumezayo. KwaZulu-Natal iPOWA isebenzisane neSocial Workers’ Empowerment Training and Support (SWEATS). Le nhlanganoisiza ngokweluleka, iphinde inike izifundo ngezimo zempilo. UNks Nolizwi Potswana oyiNhloko yeSWEATS, uthe kusemqoka ukuthokozisa abake baba izisulu ukuze nabo bezozizwa bebalulekile. “Nakuba umkhankaso unake kakhulu ekukhumbuleni abesimame asebadlula emhlabeni ngenxa yodlame lobulili, kumele sikhumbule ukuthi ukufa akuwona wodwa umphumela wakho. Abesimame abaningi bayakhubazeka, balahlekelwe ukuzethemba kanye nesineke kubantwana babo,” kusho uPotwana.