
UKUQHUMA kwesibhaxu ebesingalindelekile ngempelasonto esiphuma kuyo kwenza kubukeke kuzoshuba kakhulu emidlalweni yamaphuzu yamaqembu agijima esigabeni seDStv Premiership ezodlalelwa ezinkundleni ezehlukene ezokuba ngoMgqibelo nangeSonto.
Eminye yalemiphumela ishiye abalandeli benxapha ngapha nangapha ngoba kwenzeke into abebengayilindele ngakolunye uhlangothini amaphanta nawo asele ebambe ongazansi ngenxa yemiphumela ebingalilndelekile.
Ngaphandle nje kokuthi amaqembu athole isibhaxu, kodwa kukhona nalawo alahle amaphuzu kungenasidingo ngokudlala ngokulingana. Lemidlali okubhekwe ukuthi idle ngokushuba nokukhanga kulindeleke ukuthi iqale namuhla.
Kuzokwenzeka lokhu nje izolo ngoLwesibili kuze kwashaya isikhathi sokugaywa kwephepha ungakatholakali umphumela womdlalo obuphakathi kweRoyal AM neRichards Bay FC obuseChatsworth Stadium, Chatsworth oqale ngo-5 ntambama, kanye noweCape Town City neSekhukhune obuse-Athlone Stadium, eKapa, wona oqale ngo-7.30 ebusuku.
IMamelodi Sundowns ebhaxabulwe yiSuperSport United ngo-2-1 emdlalweni womkhaya obuseLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoLwesihlanu kulindeleke ukuthi ivakashele iChippa United namuhla, eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth. Umdlalo walamaqembu omabili kubhekeke ukuthi uqale ngo-7.30 ebusuku.
IMarumo Gallants okuseyilona kuphela iqembu elingakawini ku-DStv Premiership ka-2022-23 ngemuva kokubanjwa ngo 1-1 ePeter Mokaba Stadium yiSwallows FC ngeSonto ntambama, kulindeleke ukuthi yamukele iKaizer Chiefs, eRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg, ngeSonto. Umdlalo kubhekeke ukuthi uqale ngo-3 ntambama.
Kulindeleke ingcwenga yebhola emdlalweni ozokuba phakathi kweMaritzburg United neSuperSport United ngoLwesihlanu, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngo-7.30 ebusuku.
Womabili lamaqembu atholana nje asashayela phezulu ngemuva kokushaya izingqungqulu zamaqembu. ITeam of Choice ishaye i-Orlando Pirates ngo-1-0 kuyona lenkundla, kanti Amatsatsantsa A Pitori ashaye Amasandawana ngo-2-1 eLucas Moripe Stadium.
I-Kaizer Chiefs edlale ngokulingana ngo-0-0 naMaZulu FC emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo kusihlwa kulindeleke ukuthi .ibhekane noMarumo Gallants ngeSonto, Usuthu nalo kulindeleke ukuthi lududulane neChippa United ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-3 ntambama. IPirates kulindele ukuthi ibhekane neTS Galaxy, e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo, ngo-5.30 ntambama.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namhlanje: Chippa United vs SuperSport United (Nelson Mandela Bay Stadium, Port Elizabeth, 19.30)
NgoLwesihlanu: Maritzburg United vs SuperSport United (Harry Gwala Stadium, Pietermaritzburg, 19.30)
NgoMgqibelo: AmaZulu vs Chippa United (Moses Mabhida Stadium, Durban, 15.00); Swallows vs Stellenbosch ( Lucas Masterpieces Moripe Stadium, Pretoria, GT, 15.00); Orlando Pirates vs TS Galaxy (Orlando Stadium, Soweto, 5.30); Mamelodi Sundowns vs Golden Arrows (ABSA Tuks Stadium, Pretoria, 20.00)
NgeSonto: Marumo Gallants FC vs Kaizer Chiefs ( Royal Bafokeng Stadium, Rustenburg, 15.00)






