Kusacwebe isiziba ngomfundi owathunjwa

0
64
UMmeli Ngcobo ongumfundi wasesikoleni samabanga aphezulu, eNewlands West, owaduka

YIZE umsolwa obhekene nezinsolo zokuthunjwa komfundi wasesikoleni samabanga aphezulu eNewslands West, enyakatho yeTheku, esaqhubeka nokuvela eNkantolo yeMantshi eNtuzuma, kodwa awukatholakali umkhondo womfundi.

Umsolwa oneminyaka engu-20 ubudala ngoMsombuluko odlule uvele eNkantolo ngezinsolo zokubandakanyeka ekuthunjweni kukaMmeli Ngcobo (16), owathunjwa ngaphandle kwamagceke esikole ngoFebhuwari, 17. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, ngemuva kokusolwa ngokweba iselula yomunye wabafundi. Cishe sekuyophela inyanga yesithathu engatholakali uMmeli, futhi kungezwakali mkhondo ngokunyamalala kwakhe. Kuthiwa ngosuku anyamalala ngalo kwafika abesilisa ababehamba ngemoto yohlobo lweMercedes Benz enombala osagolide noma ocwebezelayo. Kuthiwa baqonda kuso isisulu basishaya ngezimpama basiphoqa ukuba singene emotweni. Kuthiwa lemoto yashaya yachitha yahamba ngomgwqo uCastle Hill.

UCol. Mbele uthe, umfundi owalahlekelwa yifoni bathole ukuthi akazange alubike lolu daba kuthishanhloko kodwa kunalokho wazisa abazali bakhe ngalokhu kusolwa kokwebiwa. Uthe bathola ukuthi, abazali beza esikoleni bafika kuMmeli bamcela ukuthi abuyise ifoni. Ngemuva kwezinsukwana, uMmeli ubonakale efakwa emotweni yohlobo lweMercedes-Benz, wagcina ukubonakala ngaleso sikhathi. Umndeni kaMmeli kuthiwa usalinde imiphumela yocwaningo lolibofuzo olwenziwe ngemuva kokutholakala kwesidumbu ekuqaleni kwalenyanga edlule. Ukusilela emuva kuzwelonke kokuhlolwa kwezidumbu yikhona okubambezele okwamanje.