Kuqilike izihlathi kumawele ezuza iziqu

0
66
umlando amawele aseMlazi athweswe iziqu ezifanayo iNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), athi nakuba esethole imsebenzi ezindaweni ezehlukene kodwa akukho okuyohlukanisa ubudlelwane bawo.

UBongekile noSibongile Dlomo bathweswe iziqu zeBachelor of Science in Diertics and Human Nutrition. Okwamanje uBongekile usaqeqeshelwa ukuba ungoti kulo msebenzi oSindisweni Hospital, uSibongile yena usesibhedlela saKwaMaphumo.

La mawele athi nakuba bekungelula ukumelana nengcindezi yokwenza lezi ziqu kodwa enze ngokusemandleni ngoba ebehlose ukujabulisa abazali bawo, abe isibonelo esihle nakwintsha yaseMlazi esizinikele ekwenzeni izinto ezingalungile.

“Kubukeka njengephupho ukuthi sesithweswe iziqu, kodwa esikujabulela kakhulu ukuthi kube iphupho elifezekile. Bekunzima kakhulu kodwa ngoba besibambisene indlela yonke, akuzwelanga kakhulu,” kusho uBongekile.