KUZOTHI kuqambe kushaya isikhathi sokuphuma kwezikole amagceke ezikole azobe esezwe amakha ahlukene ezikhulu zemikhakha eziqhamuka eminyangweni ehlukene ukuqapha isimo nokuthi usuku lokuqala lokufunda nokufundisa lube yimpumelelo.
NgoLwesine uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe nawo ukuqinisekisile ukuthi usukulungele ukuvulwa kwezikole onyakeni omusha. Zonke izikole zikahulumeni kulesi sifundazwe zivulwa namuhla ngoLwesithathu, kanti ezizimele zivulwe ngesonto eledlule.
UNgqongqoshe waloMnyango, uMnuz Kwazi Mshengu, ngesikhathi ekhuluma nabemithombo yezindaba uths, nakuba zikhona izinselelo zokufakwa kwabafundi kwezinye izikole zikahulumeni kodwa ngeke kuphazamise ukuvulwa kwezikole nokufunda.Uthe unethemba lokuthi akukho okuzophazamisa ukuvulwa kwezikole njengoba bevale izikhala ezibucayi ebezingenamuntu.
Njengokujwayelekile amalungu eSishayamthetho, ongqongqoshe beminyango ehlukene, iziMeya, amakhansela kanye nezinye izikhulu emikhakheni ehlukene kuhlanganisa namalungu ezigungu ezilawula izikole kanye nabamele izinyunyana zothisha baye bagcwale amagceke ezikole ukubheka ukuthi konke kuhamba kahle mini ngosuku lokuqala ezikoleni.
Okunye obekulindelekile namuhla ukuqinisekisa ukuthi njengoba negciwane lokhuvethe lusekhona ngakube izibulali magciwane nokulandela nje jikelele yonke imigomo yeCovid-19 kuyaqinisekiswa yini ukuthi kuyalandelwa.
Ngaphandle kokubuyela ezikoleni nemiphumela kamatikuletsheni ibhekwe ngabomvu njengoba kulindeleke ukuthi uMnyango weMfundo eyisiSekelo uyidedele ngoLwesihlanu. Kodwa kulokhu ngeke isashicilelwa emaphephandabeni njengoba kade kwenzeka.







