
KUKHUNJUZWE abafundi basesikoleni sabaphila nabakhubazekile i-Ekuthuthukeni Special, esesigcemeni sakwa-B kanye nabaseSiphingo Primary ekwa-U, eMlazi, ngokubaluleka kokuhlonishwa komthetho wezwe nokwenza okwakha ikusasa eliqhakazile esikhundleni sokuzibandakanya nabangani abangalungile abazobaholela eweni.
Lokhu kwenzeke ngenkathi uhlelo oluqhutshwa ngokuhlanganyela phakathi koMnyango wokuPhepha nokuXhumana koMphakathi, amaphoyisa akwaSAPS eMlazi, kanye neDurban Life Life olubhekene nokuqwashisa intsha ngezehlakalo zobugebengu luhanjiswe kulesi sikole muva nje.
Lolu hlelo lubheka kakhulu ekusetshenzisweni kwezidakamizwa, izigameko zokunukubeza ngokocansi, kanye nokuphathwa kwezikhali eziyingozi. Ithimba ebelivakashele Ekuthuthukeni Special School beliholwa uKapteni Nokuphiwa Jwili oyiNhloko yeSocial Crime Prevention esteshini saseMlazi.
UJwili uthe kusemqoka ukuthi izingane zifundiswe ngobungozi bobugebengu zisezincane, zazi ukuthi ukusebenzisa izidakamizwa kungalilimaza kanjani ikusasa nezimpilo zazo. Uthe izidakamizwa zishintsha indlela umuntu acabanga ngayo, zilwisana nomsoco osuke ufakwe ukudla emzimbeni.
Ugxile kakhulu kwisidakamizwa sokuzenzela ngokuhlanganisa umuthi wokukhwehlela kanye nonemenadi esibizwa ngokuthi incika, wathi ngokusebenzisana namaphoyisa isikole sizoqinisekisa ukuthi wonke umfundi otholwa nencika uyaxoshwa eskoleni, amaphoyisa wona azoqinisekisa ukuthi bonke abatholwa nezinye izidakamizwa bayaboshwa.
“Ikusasa elezingane, ngakho-ke kuwumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi ikusasa lazo liqhakazile. Lokho sizokwenza ngokuzikhumbuza ukuthi kumele zenze okuhle ngazikhathi zonke, ziziqhelelanise nokusebenzisa izidakamizwa kanye nezinye izinto ezingazikhipha endleleni,” kusho uJwili.
UNkz Thuli Taylor ongusonhlalakahle kwiDurban Life Life, uchazele abafundi kabanzi ngezigameko zokunukubeza ngokocansi, wabakhuthaza ukuthi bebikele othisha namaphoyisa uma kukhona obathinta ngendlela ebenza bezizwe bengakhululekile. Uthe kusemqoka ukuthi abafundi behlale bevikelekile ngazikhathi zonke.
USergant Sifiso Gumede uthinte odabeni lwezikhali, wathi akekho ovumeleke ukuthi engene nesikhali esikoleni ngoba kuyilungelo labafundi ukugcinwa bephephile uma besezikoleni. Uphinde waxwayisa abafundi ngokuthenga okudliwayo kubantu abangabazi, ikakhulukazi amakhekhe ngoba iwona okujwayeleke ukuthi efakwe insangu.






