
AMADUDULA aseThekwini acele ukunikwa ithuba lokusiza ezinhlelweni zokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula, athi akholwa ukuthi ukunikwa kwabantu abasha ithuba kungakhiqiza amathuba okuziphilisa kuphinde kugweme ukwenziwa kwenkohlakalo kumathenda okwenza lo msebenzi azophuma.
Amalungu e-Operation Dudula abehlangene eBayside Hotel, esenkabeni yedolobha, ukuyobonisana ngokuthi abantu abasha bakwelikabhanana bangayilekelela kanjani imphakathi ekhahlanyezwe izikhukhula. AmaDudula athi afuna kuvulwe intsha ithuba lokuba amavolontiya kuyo yonke imsebenzi ezobe yenziwa.
UNobhala Jikelele we-Operation Dudula, uNks Zandile Dabula, uthe bafisa kunikwe abantu abasha ithuba esikhundleni samathenda ukuze kuzoba nobulungiswa ngendlela okutholwa ngayo imsebenzi esikhundleni sokuthi amathenda etholwe idlanzana. Uthe lokhu kuzokwenza ukuthi umsebenzi ube sezingeni ngoba abantu abasha baqeqeshwe ngokwanele.
“Kukhona abokufika abathola imsebenzi okumele engabe itholwa abantu abasha bakuleli, bahlomule kuhulumeni wethu. Sithi ayikho ithenda efana neye-town planner noma i-architect ngoba bakhona abantu abasha bakuleli abangawenza lowo msebenzi. Sikholwa ukuthi ukunikwa kwabantu abasha amathuba kuzonciphisa ukuntula kwemsebenzi,” kusho uDabula.
UMnuz Dan Radebe oyiPhini likaSihlalo we-Operation Dudula, uthe intsha izibophezele ngokubambisana nohulumeni nakuba ingxenye enkulu yayo incishwa amathuba. Uthe bafisa ukuthi ukubekwa phambili kwabantu abasha bakuleli kungagcini ngokulungisa umonakalo wezikhukhula kuphela, kodwa kuye nakweminye imkhakha yemsebenzi.
“Okusikhalisa kakhulu ngodaba lwezikhukhula ukuthi abantu bakithi balahlekelwe izimpilo zabo, balahlekelwa nayiyo yonke impahla yabo ngoba bebehlala ezindaweni ezingaphephile ekubeni kunamabhilidi adliwe abokufika. Sinxusa kuhulumeni ukuthi bakhishwe bonke abadle amabhilidi ngokungemthetho, kuhlaliswe abantu bakuleli kuwo,” kusho uRadebe.
Amalungu e-Operation Dudula afunge ukuthi ngeke aqhubeke nokuveza usizi lwezakhamuzi zakuleli olubangwa izinkinga ezidalwa ukuba khona kwabokufika abakuleli ngokungemthetho. Athi uhulumeni kumele uziphendule izikhalo zezakhamuzi ngoba ukuzitshwa kwabantu kwenza ukuthi belahlekelwe ithemba kuhulumeni.






