
LUGUJWE ngendlela ehlukile usuku lwentsha eNtuzuma, umcimbi obuhlelwe uMnuz Bongani Mhlongo kanye noMnuz Bongani Mthembu ukhumbuze intsha yango-1976 ukuthi isengabantu ababalulekile nokumele behlonishwe nsuku zonke ngokuzinikela kwabo ekulweleni inkululeko yabantu abamnyama.
Kulo mcimbi obuse Ntuzuma B, intsha eyayikhona ngo-1976 izihlomulele nangezingubo zokulala. UMhlongo noMthembu bahlele lo mcimbhi njengendlela yokwedlulisa ukubonga kuyo. Ithole nethuba lokuxoxela intsha yamanje ngobunzima eyabhekana nabo, yayipha nezeluleko ngezimo esazohlangabezana nayo. uthe bakubone kubalulekile ukuthi benze umcimbi wokubonga kwintsha yango-1976, ngoba abantu sebeyikhohliwe, kugxilwa kakhulu kwintsha yamanje ekubeni intsha yango-1976 iyingxenye yomlando obaluleke kakhulu eNingizimu Afrika. Uthe kuhle ukuthi intsha izizwele kubantu ababephila ngaphansi kohulumeni wobandlululo.
“Abanikwa ithuba lokuzikhulumela, nentsha eyazi ngamaqhawe avela emiphakathini ehlala kuyo. Intsha eningi icabanga ukuthi ukulwa nohulumeni wobandlululo ngalolu suku kwenzeka eSoweto kuphela kanti akunjalo, intsha yayilwa kuzo zonke izinkalo zezwe. Yonke indawo inabantu ababelwa nohulumeni wobandlululo,” kusho uMhlongo. UMnuz Mazibuko obengomunye wezikhulumi zomcimbi, ukhuthaze intsha ukuba ihloniphe abantu abadala. Uthe kumele igweme ukuchitha isikhathi esiningi ebumnandini nangokusebenzisa izidakamizwa. “Asingabahlukumezi abantu abadala, kumele sibavikele. Asilalele yonke imithetho esishayelwa yona,” kusho uMazibuko.
UNks Nonkanyezi Zungu obethamele lo mcimbi, uthe intsha kumele ithole isifundo kwintsha yango-1976, kube iyo eqhamuka nomehluko ewufisayo. “Iyona eyaqala ukulwela ukuhlonishwa kwezilimi zesintu. Nanoma ikuphi usuyakwazi ukufuna ukukhulunyiswa ngolimi ozikhethela lona esikhundleni se-Afrikaans nesiNgisi,” kusho uZungu. Umcimbi ubuhlelwe uMhlongo noMthembu ngoxhaso oluvela kwizitolo zasendaweni kanye nebandla lamaMuslim endaweni yase-INK. UMnuz Vusumuzi Cele waleli bandla, uthe bakhethe ukuxhasa lo mcimbi ngoba ugqugquzela ubumbano emphakathini. Uthe kuhle ukunikwa kwabantu ababephila ngo-1976 ithuba lokuzikhulumela.






