
ABAFUNDI base Zakhe Secondary abagcinanga ngokufunda ngemikhakha yemisebenzi etholakala kwimidlalo kamabonakude kodwa baphinde bazihlomulela ngezicathulo zesikole ngenkathi bevakashelwe abalingisi bomdlalo Uzalo oboniswa kuSABC 1 njalo phakathi nesonto.
Abalo mdlalo benze lokhu njengendlela yokugubha usuku lwentsha. Baveze ukuthi bakholwa kakhulu ekubuyiseleni emphakathini abasebenzela kuwo njengoba lo mdlalo ungowokuqala walolu hlobo oqoshwa ezitaladini zaKwaMashu. Bathi bazama ukutshengisa umphakathi ukuthi bayakuthokozela ukwesekwa yiwo. Umcimbi ubuphethwe uLondi weVibe Fm, kunandisa amaciko kuwo okubalwa uZammy, Afro B, King Ice nabanye. Abo-Uzalo benze lokhu ngokubambisana nabeBolton Uniform, Metropolitan Life, Sharks Protection Service kanye neLK Security Solutions.
Lokhu kwenzeke endaweni yobumnandi iLondon on 75 esesigcemeni sakwa-L kulo leli lokishi. Amaciko acobelele ulwazi olunzulu ngendlela abafundi abangangena ngayo kwezobuciko, abakhumbuza ukuthi kumele begxile emfundweni kuqala ngaphambi kokulangazelela ukungena kulo mkhakha. UThuthuka Mthembu odlala indawo kaNonkanyiso kulo mdlalo, ukhuthaze abafundi ukuba bengalinge beshiye phansi esikoleni ngoba behlose ukungena emkhakheni wezobuciko. Uthe kuningi okwenzeka kuwo okudinga ukuthi umuntu ebe neziqu ezithile zemfundo. “Kulo mkhakha kusetshenzwa ngezinkontileka. Kusemqoka ukuba ukuqonde okubhalwe kuyo, ungazibophezeli entweni ezogcine icebisa abanye abantu ngamandla wakho ekubeni wena ungenzi nzuzo. Kubalulekile ukuthi uye eNyuvesi ngisho unalo ikhono, lokho kuzokuvikela ezinkingeni eziningi,” kusho uMthembu.
UZammy yena wenze isibonelo ngeCovid-19, wathi abafundi kumele bebe nolwazi ngezezimali ngaphambi kokungena emkhakheni wezobuciko. Uthe asemaningi amaciko enza imali eningi uma esasematheni kodwa athatha umhlalaphansi esehlupheka ngenxa yokusebenzisa imali budlabha. “Lo mkhakha akumele uwuzele ngobuso, uma ungahluzile kahle emqondweni ugcine uphilela imanje ungalicabangi ikusasa. Kusemqoka ukuthi kube nesicucu onaso sasenyuvesi noma ekolishi ukuze noma ungasaphumeleli kuwo ube nakho ozokwazi ukubuyela kukho, uziphilise ngakho,” kusho uZammy.Abafundi baphinde bathola ithuba lokuncela ulwazi ngokwenziwa intsha yango-1976, bafundiswa nangezinhlelo ezehlukene abangakwazi ukuhlomula kuzo uma sebeya ezikhungweni zemfundo ephakeme. Bakhuthazwe ukuba bekhuphule amasokisi ezifundweni zabo ukuze bezothola nemifundaze. Leli lokishi liphinde lakhunjulwa ngendima elayidlala ekuqumbeni phansi uhulumeni wobandlululo. Abafundi balandiswe ngomlando wabantu abahlonishwa umhlaba wonke abavela kuleli lokishi kubo okubalwa uZakes Bantwini, Nomzamo Mbatha, Zakwe, Duncan, Somizi Mhlongo nabanye.






