
KUPHITHANISA amakhanda ukubulawa ngokudutshulwa kwabathathwa njengezinye zezishoshovu emagatsheni e-African National Congress (ANC), esifundeni iTheku, osekubukeka kuwumkhokha ongenisayo.
Kungakapholi maseko i-ANC esifundeni iTheku isabhonga emswaneni ngokubulawa kukaMnuz. Minenhle Mkhize obenguSihlalo wegatsha lale nhlangano KwaNyuswa ku-Ward 103, okulandelwe ukubulawa kukaMnuz Bheki Mvubu obeku-Ward 19 entshonalanga yeTheku sekubuye kwabulawa ngesihluku esinyantisa igazi, uMnuz Thulani Shusha obengumholi welinye lamagatsha alenhlangano eMlazi ngoMgqibelo ephuma emhlanganweni we-ANC.
UMnuz Shusha ushone ngemuva kwemvula yezinhlamvu eduze nomgwaqo uBaker Road, eMlazi, ngesikhathi amadoda amane evulela ngenhlamvu ebhekise kuye nezinye izishoshovu ze-ANC.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uLieutenant-Colonel Nqobile Gwala, uthe amadoda amabili ashonile esigamekweni sokudubula. “Owesilisa (51) nomunye (35) bathole amanxeba amaningi okudutshulwa. Abanye bakwazile ukubaleka. Bobabili kuthiwa bashonele endaweni yesigameko. Imbangela yalokhu kubulala ayikaziwa.”
Owesibili obulawe ngesikhathi sokuloba loludaba ubengakadalulwa kodwa kukholakala ukuthi ubeyilungu le-ANC. UShusha ube phinde abeyisishoshovu seSA Municipal Workers’ Union (Samwu) futhi eqashwe ophikweni lwezempilo kuMasipala weTheku.
Isihlobo sikaShusha, esinqabile ukudalulwa ngenxa yezokuphepha, sitshele abemithombo yezindaba ukuthi uShusha ushone ngemuva kokudutshulwa amahlandla angaphezu kuka-20.
“Ngithole ucingo kuthiwa kuke kwadutshulwana, abanye abebehamba nabo bebebonakala begijima. Udutshulwe amahlandla angaphezu kuka-20, bekunezinhlamvu eziningi, washonela endaweni yesigameko.”
Lesi sihlobo sithe uShusha nequlu labantu ababalelwa ku-80 bebesanda kuqeda umhlangano wegatsha le-ANC futhi bebemi eduze kwalapho bekunomhlangano khona ngesikhathi amadoda alinganiselwa kwamane eqala ukudubula.
Isihlobo sisole izinxushunxushu ze-ANC ngokubulala. “Ngikholwa wukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nobushoshovu bakhe ku-ANC. Ngonyaka odlule uthe uxabane nothile ephalamende (esiShayamthetho sesifundazwe), akakaze asitshele ukuthi ungubani lowo muntu.
“Besicabanga ukuthi njengoba engakasho lutho muva nje, umbango usemuva kwakhe. Sishaqekile futhi sibuhlungu, izingane zakhe zincane kakhulu futhi zihlukumezekile.”
Umholi weSamwu eThekwini uXolani Dube uthe: “Sisazovakashela umndeni ukuze sithole imininingwane, kodwa sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakhe.”
UNgqongqoshe wezeMfundo kanye nomgqugquzeli we-ANC esifundeni saseThekwini, uMnuz Kwazi Mshengu, uthe bakhathazeke kakhulu ngokuqhubeka kokubulawa kwamaqabane. “Inhloso ayaziwa futhi kunzima ukuqagela. Ngakho-ke sicela amaphoyisa ukuthi aqinise imizamo yawo ukuze abophe.”
Uthe ukungaboshwa kwabantu kwenza izinto zibe nzima kuKhongolose nasemndenini wezisulu. “Sicela bonke abangaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabo ukuthi basize amaphoyisa.”
“Akukho lapho ongasho khona ukuthi ubani obadubule noma bekukhona esinye isigameko noma ingxabano, badutshulwe nje bonke bebengamalungu e-BEC (Branch Executive Committee) ye-ANC. ” kusho uMnuz Bheki Ntuli, oyiPhini lomgqugquzeli we-ANC esifundeni saseThekwini.
“Ngisho nabasindile bakwazi ukubaleka nabo bebengamalungu e-BEC.Kulokhu kubonakala sengathi kukhona umuntu othole inhloso yokuqeda abaholi be-ANC esifundeni iTheku. “Kuyindlela ehlelwe kahle, ehlelwe kahle indlela bonke ababulawa ngayo,”kusho uNtuli ezwakalisa ukukhathazeka ngalesi simo.
Khonamanjalo iMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda, iphatheke kabi ngokubulawa ngesihluku kwesisebenzi sikaMasipala ebesisemsebenzini. Lesi sisebenzi kuthiwa besisehhovisi laso ngesikhathi kungena oshayasibhamu abathathu base bedubula bebhekise kuso. Akukacaci okwamanje ukuthi bekuyini imbangela yalobu bugebengu obunyantisayo.
“Amaphoyisa kufanele aqinisekise ukuthi lezi zigebengu zibhekana nengalo yomthetho. Lena bekuyindoda yomndeni futhi umndeni wakhe wawulindele ukuthi abuyele ekhaya futhi izikhohlakali ezithile zakhetha okuphambene. Sithumela amazwi enduduzo emndenini nakulabo abebesebenza eduze nayo. Ngizothola umbiko ogcwele ngokwenzekile,” kusho uKaunda.






