
NXANXATHELA yezitolo esanda kuvulwa iMidway Crossing izohlomulisa osomabhizinisi abancane baseLindelani, Ntuzuma nabaseNewlands, kulindeleke ukuthi ukuvulwa ngokusemthethweni kwayo kuzoholela nasekukhiqizekeni kwemisebenzi kuphinde kuthuthukise nomnotho wakulezi zindawo.
Ukwakhiwa kwayo kudle imali elinganiselwa ku-R780 million, kwakhiqiza imsebenzi engu-1 100 yesikhashana. U-67% wemisebenzi uhlomulise intsha nabantu ababuthaka, kwaphinde kwahlomula nezinkampani zasendaweni. Inxanxathela yakhiwe inkampani iFundamentum, u-40% wayo ungowezakhamuzi. Ngaphandle kwezitolo nezindawo zokusebenzela zosomabhizinisi, kuyo kuzophinde kube namahhovisi kaMasipala weTheku kuwo okubalwa iSizakala Centre kanye neleThekwini Transport Authority, umtapowolwazi nokunye. Ukuvulwa kwayo kuhambisana nokusebenza komzila osanda kulungiswa iC3 Route yeGo! Durban. Ethula inkulumo yakhe emcimbini wokuyivula ngokusemthethweni, uKhansela Mxolisi Kaunda oyiMeya yeTheku, uthe umasipala ubona lokhu njengegxathu elibalulekile lokusebenzisana phakathi kwawo neFundamentum. Uthe kutshengisa ukuthi kuningi okungafezeka uma osomabhizinisi bebambisana nomasipala.
UMnuz Robert Ndelela oyingxenye yabanikazi benxanxathela, uthe bayalijabulela ithuba lokuba ingxenye yomsebenzi ozokwenza umehluko ezimpilweni zabantu abaningi. “Nami ngiyisiqashi kuyo, okutshengisa ngokusobala ukuthi iyinto yomphakathi. Uma izakhamuzi zizothenga kuyo, zizoba nokuzigqaja njengoba zinamasheya kuyo,” kusho uNdelela. UMnuz Phillip Sithole oyiPhini leMenenja ophikweni lokuHlelwa nokuThuthukiswa koMnotho eThekwini, uthe ukwakhiwa kwale nxanxathela kuyingxenye yohlelo lukamasipala lokuthuthukisa umnotho wakule ndawo ngokuheha abatshalizimali. Uveze ukuthi kuhlelwe okuningi okuzokhiqiza imisebenzi edingeka kakhulu kule ndawo. “Kuhloswe ukuyiguqula ibe isizinda sezimboni, kube nezindawo zokungcebeleka nokunye okuzothandwa abatshalizimali. Lokhu kuzokhiqiza imsebenzi emningi emphakathini eyakhelene nale ndawo,” kusho uSithole ophinde waveza ukuthi kulindelwe ukuthi le nxanxathela yenzele umasipala imali elinganiselwa ku-R15 million ngama-rates.






