Amaphoyisa avale izitolo ezingayilandeli imigomo

0
74
Amaphoyisa kaMasipala weTheku ehlola isimo ezitolo

KUGCINE ngokuthi kube khona izitolo ezivalwayo ngesikhathi ithimba lika Masipala weTheku eliqinisekisa ukuthi imigomo kamasipala iyalandelwa yini, lihambela izitolo ezisenkabeni yodolobha kanye nase South beach zihlola isimo .

Leli thimba elijutshwe umasipala beliphume umkhankaso, lapho belihlola khona isimo ezitolo ezisedolobheni ukuthi kungabe zisayilandela imigomo nemithetho kamasipala. Ezinye zezitolo ikakhulukazi ezidayisa ukudla zitholwe zingayilandeli imigomo, ezinye zinikwe isexwayiso zahlawuliswa, ezinye zaphoqeleka ukuthi zivale. Abanikazi besitolo esidayisa ukudla esikumgwaqo uDr Pixley KaSeme baphoqeleke ukuthi bavale ngokuphazima kweso. “Lezitolo ezithengisa ukudla ziphoqeleke ukuthi zivale ngemuva kokutholaka ukuthi zenza ubunuku obungabekezeleleki ikakhulukazi ekhishini abasebenza kulo. Kutholwe amaphela, amafutha asesebenzile, amanzi athutha indle eduze kwase khishini nokunye okushaqisayo,” kuchaza isitatimende esithunyelwe abezindaba.

Leli thimba litheleke kulezitolo lingalindelwe, lafike lazithela kulensambatheka ebeka abantu abahambela lezitolo engozini yokungenwa izifo. Ongumphathi wezeNhlanzeko nezeMpilo uMnuz Peter Roberts uthe izitolo eziphule imithetho zizohlala zivaliwe, kuze kuba zilandela imithetho yokudayisa ukudla. “Angeke sivumele izitolo ezithengisa ukudla zibe sesimeni esifana nalesi esizivalile, ngoba kubeka impilo yabantu bakithi engcupheni yokungenwa izifo. Umphakathi ohambela lezitolo awunalo ulwazi ngokwenzeka ngemuva kwazo. Sithumela umyalezo ocacile wokuthi uma ungayithobeli imithetho yenhlanzeko uma uthengisa ukudla sizokuvala, kuze kube ulandela imithetho ebekiwe,” kuchaza uMnuz Roberts. Kulo mkhankaso kukhishwe izinhlawulo ezibalelwa ku-R30 000. Ezinye izitolo zitholwe zidayisa impahla esidlulelwe isikhathi, abanye abadayisa inyama yenkukhu ebingekho esimeni esihle sokuthi ingathengiswa. Ezinye izitolo zitholwe zinenkinga yamanzi angahambi ngendlela kanye nogesi ongaxhunyiwe ngendlela efanele.