Lesisaguga bese sihlale kulo muzi oselokishini lase Nanda enyakatho yeTheku iminyaka eminingi, kanti besilokhu sinovalo lokuthi sizoficwa ukufa sishiya abantwana baso nabazukulu kwindlu engenalo itayitela.
“Ngiyazi ukuthi baningi ontanga yethu abashona bengenawo amatayitela emizi. IMeya uKaunda ungesule izinyembezi zeminyaka, futhi ngiyajabula ukuthi nezidalwa zami uma sezingimemela kwenye indawo, ngizohamba ngikhululekile ngingenazo izikhalo ngoba izingane zami ngizobe ngizishiye kahle zinekhaya,” kusho uGogo Zungu. Ugogo uZungu ube ngomunye wezakhamuzi ezingu-15 ezinikezwe amatayitela emkhankasweni weMeya yeTheku yokuphuthumisa intuthuko kanye nokudluliselwa kwamatayitela kubantu abawafanele. Imeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda uyena obenikezela ngamatayitela kumphakathi wase Nanda. Uphinde wethula ibhajekthi yoMkhandlu ka-2021/22 enkundleni yezemidlalo iJL Dube. Uqale ngokuthi adlulise amazwi enduduzo eNdlunkulu kaZulu ngokukhothama kweNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu owedlule emhlabeni ngoLwesine olwedlule. UKhansela Kaunda uveze ukuthi uMkhandlu unebhajekthi ka-R52.3 million. Uthembise umphakathi ukuthi bazosebenza ngokuzimisele ukuletha izidingo zomphakathi, besebenzisa le bhajekthi.
Iphawula iMeya ngephuzu lokunikezwa kwabantu amatatiyela ugxeke kakhulu uhulumeni wobandlululo wathi, wawunonya kakhulu kangangokuthi wawungavumeli ukuthi abantu abamnyama babengabanikazi bomhlaba abasemthethweni. “Njengohulumeni onakekelayo, sidinga ukuphuthumisa uhlelo lokunikezwa kwamatayitela ngaleyondlela sizobe sibuyisa isithunzi kubantu kanye nesiqiniseko sokuphepha ngobuninimuzi. Ukuze sibhekane nalolu hlelo lwamatayitela sibone kubalulekile ukuthi sisungule ithimba nophiko lukaMasipala weTheku lwezokuHlaliswa kwaBantu ukuze kuqinisekiswe ukuthi amatiyitela anikezwa abantu abawafanele,” kusho uKaunda. Ngesikhathi ethula uhlelo lwesabelo mali sika-2021/22 enkundleni yezemidlalo iJL Dube, abantu bathole ithuba lokuzwakalisa ilaka labo nemibono yabo ngendlela ababona ngayo ukuthi lesi sabelo kufanele sihlinzekwe kanjani. Abantu babuye bakhuluma nangezinto eziyinkinga njengemigwaqo engekho esimeni, amanzi nokunye.






