Izeluleko ezinohlonze kugoqwa inyanga yamadoda

0
92
Kwelulekwe amadoda ngobudoda obuqotho ngenkathi kune-Insika Festval for Men ebise-Ekhaya K-Cap KwaMashu

ZIKHULUME zaqeqebula izikhulumi ezahlukene engqungqutheleni yokugoqwa kwenyanga yamadoda zikhumbuza abantu besilisa ngokubaluleka kokuba yingxenye yempilo yezingane zabo ukuze bakwazi ukungenelela uma kukhona okungahambi kahle.

I-Insika Festival for Men iphinde yasetshenziselwa ukubonisana ngamasu azoholwa abantu besilisa azosetshenziselwa ukuguqula isimo emphakathini, azobhekana nenkinga yokuntuleka kwemisebenzi, ukungaziphathi kahle, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, aphinde akhuthaze ubumbano emphakathini. Le ngqungquthela ibibanjwe ngaphansi kwesiqubulo esithi,” The Legacy of Dr JL Dube in Building A Responsible Societal Man”. Kwizikhulumi bekukhona uMnuz Paul Nzimande, uMfundisi Thomas Hadebe, uMnuz Sipho Magwaza kanye noMnuz Langa Dube oyisizukulwane sikaDkt. John Dube uMafukuzela onjengezulu. UHadebe ugxeke ukushaywa indiva kwenkolo, wathi izinkinga zingagwemeka uma abantu bengalandela umyalelo kaNkulunkulu. Wenze isibonelo ngokuthi amadoda ayedalelwe ukuhola nokuvikela imindeni yawo, wathi uma amadoda engenza umsebenzi wawo angahlonishwa.

“Ukuhlonishwa kuqala emndenini wakho. Umndeni wakho ukuhlonipha kuphela uma uziphethe ngendlela ewenza uziqhenye ngawe, ngeke ukuhloniphe uma ukhetha ukuwufulathela. Yazi ukuthi ukwenza lokho kuzodala izinkinga ezingagcini ekhaya kuphela,” kusho uHadebe. Uthe kuyihlazo ukuthi amadoda azakhele isithombe esihle emphakathini ekubeni ekhaya ephenduka izilwane. Uthe indoda eqotho ileyo evikela umndeni wayo, ingabalekeli izinkinga uma seziyehlula kodwa ikhuleke, icele usizo kuNkulunkulu ukuze izokwazi ukumelana nobunzima. UNzimande uthe amadoda kumele ekuqonde ukubaluleka kwabantu besifazane, engabacindezeli ngoba ulwazi nobuhlakani abanabo bungenza umehluko omkhulu. Uthe kuqemqoka ukuthi amadoda elalele izeluleko zabesimame esikhundleni sokukushaya indiva konke abakucabangayo.

“ISiZulu sithi okwehlula amadoda kuyabikwa. Lokhu akusho ukuthi kumele uyobika ekhanseleni, kodwa ubikela uNkulunkulu kanye nomama wekhaya obambisene naye. UNkulunkulu wakuqonda ukuthi ngeke sikwazi ukukwenza konke, yingakho asidalela abasizi okungabantu besifazane,” kusho uNzimande. UDube ugqugquzele ukubaluleka kokucubungula izinqumo umuntu azithathile, wathi awukwazi ukushintsha indlela yokwenza uma ungazi ukuthi ikuphi okungekuhle okwenzile. Uthe umuntu ongafuni ukutshelwa ngisho esonile akavamile ukulungisa amaphutha wakhe. Izikhulumi ziphinde zathinta nasodabeni lokuzinakekela ngokomqondo, amadoda axoxe ngezinkinga abhekene nazo ukuze ezothola usizo. Lokhu angakwenza ngokuvulela isifuba abaholi bomphakathi ababathembayo okanye bethole usizo kodokotela abelapha izinkinga zengqondo.