Uhoxisa amazwi anohlevane awasebenzise esiqubulweni

0
109

UMGQUGQUZELI enhlanganweni elwela ubulungiswa odabeni lwesehlakalo sasePhoenix enyakatho yeTheku, iJustice for Phoenix Massacre Victims uwahoxisile amagama alumelayo awasebenzise ngesikhathi kunemashi ngoLwesine, ebiqonde eCity Hall, eThekwini, lapho befike khona bashiya uhlu kwezikhalo.

Kulemashi ebihlanganise izinhlangano zomphakathi kanye namaqembu ezombusazwe, uMnuz Jackie Shandu usebenzise isiqubulo ebesisentshenziswa ngesikhathi kusaliwa nohulumeni wobandlululo, esasithi, “Inhlamvu eyodwa, isifikanamthwalo esisodwa, wajobelala ngokuthi indiya elilodwa inhlamvu eyodwa”. Lokhu kuholele ekutheni azidonsele amanzi ngomsele kwabakhona abamgxekayo ezinkundleni zokuxhumana kangangokuthi amanye amaqembu obusazwe amvulele icala ngalesi siqubulo asichaze ngokuthi siyingxenye eyokhela umlilo, sabuye sagxekwa nanguMasipala weTheku.

Lemashi obekuyindlela yokuzwakalalisa ukukhathazeka ngalesi sehlakalo sokubulawa kwabantu okwenzekile nosekungumlando ukusho ukuthi besekusolwa nenhlese yokucwasana, uhla lwezikhalo lwalomukelwe nguMnuz Reggie Cele obeqhamuka ehhovisi leMeya yeTheku. Akusiwona wodwa umphakathi onikele ezinkundleni zokuxhumana kanye noMasipala weTheku oshaqekile ngalesiqubulo noNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala naye uzwakalise okukhulu ukukhatheka. I-African Democratic For Change yona ithathe isinqumo sokuvulela uShandu amacala obugebengu ngoLwesinhlanu olwedlule, i-Action SA yona ngesikhathi sokuloba loludaba ibisezinhlelweni zokufaka isikhalazo kwiKhomishini yaseNingizimu Afrika yamaLungelo Abantu. “Ngithe isifiki esisodwa, inhlamvu eyodwa, iNdiya elilodwa, inhlamvu eyodwa. Ngifuna ukuwahoxisa lamazwi ngoba angihambisani nodlame. Ngibona indlela azobhebhezela ngayo umlilo isimo sibe sivele sishubile ngokobuhlanga. Ngifuna ukukubeka kucace ngiyawahoxisa lamazwi,”kusho uShandu. Uqhube wathi lamazwi wayengaqondile ukuwakhipha kepha, aphuma ngenxa yentukuthelo nobuhlungu umuntu ayebuzwa ngalesi sehlakalo, wathi kodwa akasiyena umuntu ogqugquzela ukuswana ngokobuhlanga nodlame, ungumuntu wokuthula.